Ezintsha

URicardo Katza eyokuvusa iCeltic ngeSuperSport

Imibiko iveza ukuthi iSuperSport ingase idayisele iBloemfontein Celtic isitifiketi sayo seBetway Premiership esivumelwaneni esisekelwa ungqongqoshe wezemidlalo uGayton McKenzie.

UMcKenzie unezinhlelo zokuvuselela iBloemfontein Celtic, futhi usethole umfelandawonye ozimisele ngokufaka imali kulo msebenzi. 

ICeltic ithengise isitifiketi sayo kwiRoyal AM ngesizini ka-2021/22. IRoyal AM isixoshiwe kwi-PSL. 

Futhi manje uRicardo Katza, owachitha iminyaka engaphezu kuka-10 kwiSuperSport, usezwakalise ukukhathazeka ngalokhu. 

Uqhathanise lezi zindaba nezeBidvest Wits eyadayiswa qede yanyamalala eminyakeni embalwa edlule.

URicardo Katza ukhathazekile ukuthi ngabe iBloemfontein Celtic izowugcina yini umlando negama leSuperSport izoqeda ngakho.

“Uma ikilabhu ithuthela eBloemfontein, izovele ibe yiCeltic futhi abalandeli bazokhohlwa yiSuperSport,” kusho yena.

Ubuze ukuthi le kilabhu eyake yaba phezulu kwiPSL njengeSuperSport kwenziwa yini manje ukuthi idonse kanzima kanje.

“Kwenzekeni lena embi kanje ekilabhini? Yilokho okudingeka sikuthole,” uKatza usho kane kwiSowetan.

Okunye okukhathaza kakhulu uKatza ikusasa lesikhungo sokuthuthukisa amakhono esisezingeni lomhlaba seSuperSport.

Lesi sikhungo sikhiqize izihlabani ezinjengoRonwen Williams, uDaine Klate, noTeboho Mokoena, phakathi kwabanye abaningi.

“Cishe wonke amaqembu e-PSL anaye umdlali okhuliswe yiSuperSport esikwatini sawo,” kusho uKatza.

Usaba ukuthi ukudayiswa kwaleli qembu kungase kuqede lesi sikhungo sokuthuthukisa abadlali bakusasa.

Isikhulu seSuperSport uStan Matthews useke waqinisekisa ukuthi le kilabhu inezinkinga zemali.

ISuperSport isidayise abadlali abaningi abasezingeni eliphezulu muva nje okubalwa kubo uWilliams, uGrant Kekana, u-Aubrey Modiba, uMokoena noThapelo Maseko.

Abaningi balaba badlali baye kwiMamelodi Sundowns noma kwi-Orlando Pirates ngezizathu zemali.