EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uyapheka, kodwa akubanukeli kahle abalandeli

Leli qembu liphinde lahujiswa utalagu, lashaywa ngo 4-0 yiFC Utrecht ngoLwesihlanu ntambama. 

Bese kungumdlalo wesibili Amakhosi ehlulwa njengoba esekhempini yokulungiselela isizini eNetherlands nje. 

Okwenza kube kubi kakhulu ngayo wukuthi akukabonakali ukuthi kwenzekani, futhi okucacile wukuthi kusazodingeka ibuyele emakethe.

Isamdinga umgadli okhaliphile nokwazi ukuvela ezikhaleni ngendlela efanele uma kuwukuthi izokwenza kangcono kule sizini kunangedlule. 

Emidlalweni emibili esayidlalile, iChiefs seyingenelwe amagoli ayisithupha, yona yashaya elilodwa. 

Nokho ke kusasekuseni kakhulu, futhi nabadlali abasha yikhathi bejwayezwa indlela yokudlala nezinqumo zeqembu. 

Kodwa indlela okuhamba ngayo seyishiye abalandeli beshaya amakhala njengoba sebezwakalise ukukhathazeka kwabo ezinkundleni zokuxhumana.