
Ngabe iChiefs ike yazibika kuTau? Uyaziphendulela
UPercy Tau, odlala kwi-Al Ahly e-Egypt nakwiBafana Bafana, uphikile ukuthi uke wacelwa yiKaizer Chiefs noma iMamelodi Sundowns azodlala kubo.
Lo mdlali oneminyaka engu-30 usesalelwe wunyaka kwinkontileka yakhe nezinkunzi zase-Egypt futhi wenelisekile eqenjini.
Engxoxweni yakamuva no-Andile Ncube ohlelweni iSport Nights Amplified, uTau ukhulume ngamahlebezi aqhubekayo mayelana nokubuyela kwakhe eNingizimu Afrika.
Ebuzwa ukuthi uke waxoxa yini neSundowns noma neChiefs, uTau uvele waphendula wathi, “Cha.”
Uwavumile amahlebezi asabalele ammatanisa namaqembu afana neChiefs, Wydad, ngisho namaqembu aseSaudi Arabia naseTanzania.
Nokho ukucacisile ukuthi lawa ngamahlebezi nje futhi yena akawanaki kakhulu.
UTau uphinde waveza ukuthi akakaxoxi ngesimo senkontileka yakhe ne-Al Ahly, njengoba egxilwe ekugubheni impumelelo yayo yakamuva.
“Siwine iligi, siwine iChampions League, futhi manje yisikhathi sokuphumula kithi,” kusho yena.
Ugcizelele ukwaneliseka kwakhe ngesimo sezinto njengamanje.
Yize ejabule e-Egypt, uTau uzwakalise isifiso sokuthi agcine ebuyele eNingizimu Afrika.
“Ngingathanda ukubuyela ekhaya ngizodlala khona,” kuqhuba uTau.
Ubalule nokuthi kungabe akabenzi ubulungiswa kunina nakubalandeli, oabangasajwayele ukumbona bukhoma edlala.
“Angisoze ngathi ngeke kwenzeke (ukubuyeka ekhaya),” kuphetha uTau, eveza ukuthi kungenzeka abuyele eMzansi esikhathini esizayo.
