
UMcCarthy nesexwayiso kwiBafana nge-Eritrea
I-Eritrea kungenzeka ibonwa njengeqembu elincane kuGroup D wokuhlungela i-Africa Cup of Nations yangonyaka ozayo.
Kodwa umqeqeshi weKenya u-Benni McCarthy usexwayise i-Bafana Bafana ngaleli lizwe lase-East Africa.
IHarambee Stars kaMcCarthy kudingeke ukuthi ijuluke ukuze ithole iphuzu kwi-Eritrea ngempelasonto edlule.
Ibuye kade seyilandela ngemuva ukuze igcine idlale ngokulingana ngo-1-1.
IBafana neGuinea ngamanye amazwe aqedela leli qoqo.
IKenya yona isivele iqinisekisiwe indawo yayo kwi-Afcon njengosokhaya.
Yiqembu elilodwa kuphela kulawa amanye amathathu kuleli qoqo elizongena kulo mqhudelwano.
U-Benni McCarthy umangazwe yizinga le-Eritrea futhi ukholwa ukuthi lingazidalela izinkinga izinkunzi zaleli qoqo okuyi-Bafana Bafana neGuinea.
“Ngicabanga ukuthi idlale kahle kakhulu. Isimangazile. Abantu abaningi bayibukela phansi,” kusho uMcCarthy.
Uthi okusize iKenya wukuthi eyivele ibazi kahle ubungozi ebibhekene nayo.
“Thina asizange sibabukele phansi ngoba besazi ukuthi banabadlali abanamakhono okungasilimaza uma singaqaphile,” kuqhuba yena.
UMcCarthy ugqamise kakhulu umgadli wase-Eritrea athi ubengabanike kuphumula.
“Bebekhombisa ubungozi njalo ukuthi uma beya phambili,” kwengeza yena.
“Banomgadli ogijima usuku lonke. Usinikeze izinkinga eziningi.”
U-Benni McCarthy uphinde wathumela isexwayiso esiqondile kwi-Bafana Bafana neGuinea.
“Ngicabanga ukuthi la maqembu amabili, okuthiwa makhulu kuleli qoqo, kumele aqaphe.”
“Ngicabanga ukuthi i-Eritrea nathi sizonika iNingizimu Afrika neGuinea izinkinga eziningi.”
Njengoba iBafana isivele ishaye iGuinea ngo-2-1, isixwayiso sikaMcCarthy sibeka obala ukuthi i-Eritrea akumele ibukelwe phansi.
- FUNDA NALA | Kuvela okwenza bashintshe uMbuthuma abe ngumgadli
I-Eritrea izogadulisana neBafana e-Al Stadium eCairo e-Egypt ngoLwesithathu ngo-6 ntambama. IGuinea izobhekana neKenya kaMcCarthy ngoLwesine.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
