
UMokwena uhoxisa amazwi agxekayo ngebhola laseMorocco
- Intatheli yeLISENETHINI
Usewahoxisile amazwi akho alumelayo awasho ngebhola laseMorocco uRulani Mokwena ocija iWydad Athletic.
UMokwena ugxeke isimo sebhola eMorocco, esola ukubhacaza konompempe nokudlala ezinkundleni ezingenabalandeli.
Uthole ukugxekwa okukhulu ngemuva kwalokhu kukhuluma kwakhe njengoba ebezwakala efunza izikhulu zebhola lakhona ngokumele zikwenze.
Ekhuluma ngemuva kokuwashiswa kwezakhe ijezi kwi-Excellence Cup ngoLwesibili ebusuku, uMokwena uveze ukuzisola ngakushilo phambilini.
Ubenxenxe inhlangani eyengamele ibhola ukuthi ivule izinkundla ngokugcwele ukuze kubuye abalandeli.
“Angifuni ukuphawula, ufuna ngingene enkingeni futhi?,” ucashunwe esho kanje kwabezindaba uMokwena.
“Engifuna ukukusho kubheke kwiMorocco FA, umphakathi, abaphathi ukuthi ngizinikele ngokugcwele ukuthuthukisa ibhola kuleli zwe.
“Ukuphawula kwami okudlule bengingaqonsile ngakho ukuletha ihlazo kwiligi futhi uma kukhona la kungazwakalanga khona kahle, ngiyaxolisa.
“Akukho ke okunye ukuphawula ozokuthola kimi (ngalolu daba),” kwengeza lo mqeqeshi owaziwa ngokuzikhulumela.
Nangesikhathi ekwiSundowns, uMokwena ubezithola esenyamanambana kwabanye ngenxa yokukhuluma kwakhe okunamagama alumelayo.
Uhambe kuleli bengasabhekani nozakwabo ocija iTS Galaxy uSead Ramovic ngenxa yakho ukuzikhulumela kwakhe.
