
UMngqithi uvume eyabadlali ‘abazama ukumketula’
Obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, ukhulume ngamahlebezi okushuba kwesimo phakathi kwakhe nabadlali abathile abadala eqenjini.
UMngqithi uthathe izintambo kwiSundowns kule sizini kanti kuke kwavela izinsolo zokuthi kunokungaboni ngaso linye nabanye abadlali ngasekuqaleni komkhankaso.
ILisenethini ibike ngasekuqaleni kwale sizini ukuthi kunabadlali abathile abaqondiswa ubugwegwe ngenxa yokungaziphathi kahle.
Kuthiwa babengayizwa eyokuqashwa kukaMngqithi, futhi befafaza umoya omubi nakwabanye abadlali.
UMngqithi uvumile ukuthi akhona amaphutha enziwa ngabadlali abathile kodwa babuye baxolisa.
Nokho uMngqithi wenqabile ukudalula amagama alabo abathintekayo nokuthi yimaphi lawo maphutha abawenza.
“Ngingumuntu ongafuni ukunekela izwe amahlazo,” kusho uMngqithi kuleli sonto ngesikhathi ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide.
“Ngenxa yezizathu ezinhle ukuthi laba ngabantu abaseyizingane, futhi abasenekusasa ebholeni.
“Uma ngikhuluma izinto ezingezinhle ngabadlali esidlangalaleni ngabe angenzi kahle ngoba abantu bazosebenzisa lokho ukubakhubaza.
“Futhi uma othile engenze iphutha kuba ngcono uma ngibhekana nakho futhi ngiyixazulule naye futhi uma isixazululiwe, ngiyayidlulisa.
“Futhi uma othile eselibonile iphutha lakhe futhi waxolisa, nami ngiyadlulisa ngiqhubekele phambili.
“Ngakho-ke ngeke ngifune ukugxila kulezo zinkinga ngoba ngicabanga ukuthi ngizophazamisa imisebenzi yalezi zingane ezisencane.
“Futhi laba bafana bayizingane zethu, ngakho sinesibopho sokubakhulisa njengabantu abadala.
“Kunabadlali abenze amaphutha futhi baxolisa, futhi lapho bexolisa ngabaxolela.”
