AmaqembuEzintsha

Kuvela ozovala esikaKhenyeza kwi-Arrows

UMabhuti Khenyeza useshiyile kwiGolden Arrows kanti iLisenethini seyithole ukuthi kuzobuya uManqoba Mngqithi. 

UKhenyeza usale ephethe kwi-Arrows kulandela ukuthi kushiye uSteve Komphela ebuyela kwiMamelodi Sundowns ekuqaleni kwesizini. 

Ubesebenza ngokubambisana noKagisho Dikgacoi noMusa Bilankulu kanti kuvela ukuthi bekunokungasebenzisani kahle. 

Ngokwemibiko ehlukene, kunedlanzana labadlali ebelingeneme ngobuholi bukaKhenyeza.

Njengamanje i-Arrows isendaweni yesithupha kwiBetway Premiership ngamaphuzu angu-13 emidlalweni eyisishiyagalombili.

Isikhala sikaKhenyeza sizovalwa uMngqithi ochithwe yiMamelodi Sundowns ngoLwesibili ntambama. 

UMngqithi naye ushiye ngoba ebengasasebenzisani kahle nabanye babadlali futhi ubephikwa nayimiphumela. 

Isikhala sakhe kwiSundowns sivalwe uMiguel Cardoso wasePortugal oke waqeqesha i-Esperance yaseTunisia.