
Umndeni uphawula ‘eyokuxolela’ uMogaila
Umndeni kaGomolemo Mavimbela, 9, oshone engozini ebandakanya umdlali weSekhukhune United, uShaune Mogaila, uziphikile izinsolo zokuthi yiwo omgunyaze ukuthi abuyele ebholeni.
UMogaila waboshwa ngoNovemba ngemuva kokushayisa imoto yakhe kanokusho emotweni ebithwele uGomolemo, unina uKeo, nomakhelwane oneminyaka engu-13 ubudala.
Wabaleka endaweni yesigameko ngemuva kwale ngozi ngaphambi kokuthi azinikele emaphoyiseni ngokuhamba kosuku.
Ubhekene namacala okubulala ngokungenhloso, ukushayela budedengu nokubaleka endaweni yesigameko.
Udedelwe ngebheyili ka-R20 000, wayolulamela ekhaya ngaphambi kokubuyela enkundleni.
Kule nyanga, iSekhukhune United ithe umndeni unikeze isibusiso kuMogaila ukuthi aphinde adlale.
Ngempelasonto ushaye igoli elibanqobisile bebhekene neChippa United futhi waqokwa njengoMdlali oVelele.
Ngemuva komdlalo umqeqeshi uLehlohonolo Seema uthe umndeni wezisulu umxolele uMogaila, wamfisela okuhle kodwa.
Okhulumela umndeni uMfundisi Thapelo Kekana ukuchithile lokhu, ethi bona abakaze bambone nangamehlo lo mdlali.
“Thina, njengemindeni yakwaKekana noMavimbela, siyasiphikisa isitatimende seSekhukhune United.
“Iqembu alikaze lixhumane nathi noma lithole isibusiso sethu.
“Asikaze sibone noma ubani omele leli qembu selokhu kwenzeka le nhlekelele,” kusho uKekana.
UMogaila kumanje usahamba leli cala. Uzophinde avele eNkantolo yeMantshi yaseTembisa ngoMeyi 19.
