Ezintsha

Umlando umfana ona-13 edlala ibhola elikhokhelayo 

Lo mfanyana weMWOS usonyakeni wokuqala esikoleni samabanga aphezulu.

Ube ngumdlali omncane kunabo bonke owake wadlala emqhudelwaneni wendebe ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL).

Lokhu kwenzeke ngesikhathi engena esuka ebhentshini emdlalweni abebebhekene kuwo neCAPS United kwwiChibuku Super Cup ngoMgqibelo.

Kube yisikhathi esimangaze abalandeli enkundleni nasezinkundleni zokuxhumana — hhayi nje ngenxa yeminyaka yakhe kodwa ngenxa yokukhula akukhombisile.

U-Ethan, odlala phambili, ubesenezinyanga eziqeqesha neqembu elikhulu kodwa ubengakalitholi ithuba lokudlala kuze kube yile mpelasonto.

Kuthiwa uhlabe abaqeqeshi umxhwele ngejubane lakhe, ukukwazi ukulawula ibhola nokuzethemba obukeka kungaphezu kweminyaka yakhe. 

Umdlalo weCAPS United ube ngowokuqala osemthethweni awudlalile, kanti ukhombisa ukuthi i-MWOS isikulungele ukuthembela kubadlali abasebancane.

Okunye ookuqaphelekayo ngalo, uyise ka-Ethan nguye umnikazi we-MWOS — okwenza ukudlala kwakhe kube wukuziqhenya komndeni nengqophamlando yekilabhu. 

Nakuba abanye bengase bakhombe ukuthi udlale ngenxa yokuthi uyindodana yomnikazi weqembu, asebeke bambuka ezicija neqembu bathi limfanele leli thuba alinikiwe. 

Nokho ukudlala kwakhe sekuqubule inkulumompikiswano phakathi kwabalandeli bePSL nongoti ngokunikwa abadlali abasebancane amathuba ebholeni elikhokhelayo. 

Kungenzeka yini ukuthi lesi kube yisiqalo senkathi entsha lapho ithalente eliselincane linikezwa ithuba, ngaphandle kokubheka iminyaka?

Ku-Ethan Tamson, bekuwukuqala kohambo — futhi izincwadi zomlando zizohlala zikuvez aukuthi waba yivulandlela.