
UGavin Hunt uveza athembele kukho ukukhuba iPirates
Ukube uyazenzela, uGavin Hunt ubezoyofuna umuthi wemvula ezovele iyidlive ngesikhathi somdlalo wezakhe iStellenbosch FC ne-Orlando Pirates.
La maqembu azohlangana emdlalweni obalulekile weBetway Premiership ngoLwesibili ebusuku e-Athlone Stadium.
UGavin Hunt uthi njengoba kusebusika, wethemba ukuthi isimo sezulu sizokwazi ukuvuna ezakhe.
Uma kusebusika kuba nezimvula eKapa kanti lokuthi uHunt ubona kuzoba yinto evuna iStellies, yenze iPirates ingakwazi ukudlala ngendlela eyijwayele.
“Isimo sezulu siyayithinta indlela yethu yokudlala. Kuba ngumdlalo ohluke kakhulu uma kudlalwa emvuleni,” kusho uHunt.
Umqeqeshi onamava uveze ukuthi inkundla emanzi ingase iphazamise isigqi sePirates.
“Bayiqembu elihamba phambili ezweni ngokwejubane. Uma inkundla imanzi, ingavuna thina kakhulu,” kwengeza uHunt.
IPirates ihlezi endaweni yesibili ngamaphuzu angu-59, kanti ihubha iMamelodi Sundowns enamaphuzu angu-64 emjahweni wesicoco.
Khonamanjalo, iStellenbosch yona ilwela ukuqeda kwiTop 8.
“Sisemjahweni. Cishe sidinga ukuwina okungenani imidlalo yethu emithathu esele,” kusho uGavin Hunt.
