URiveiro ubheke ukwenza ngcono iPirates, hhayi amarekhodi
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthi iqembu lakhe alizange libe sengozini ngesikhathi linqoba ngo 1-0, lishaya iRichards Bay e-Orlando Stadium ngoLwesibili.
Lo mdlalo ubuyingqophamlando kuRiveiro njengoba bekungoka-100 ehola lezi zinkunzi zaseSoweto.
Umdlalo bewuvuna iPirates futhi uRiveiro wenelisekile ngendlela abadlale ngayo yize bengakwazanga ukwengeza amagoli.
Yigoli lika-Evidence Makgopa alishaye esiwombeni sokuqala elinikeze iPirates amaphuzu agcwele.
UMakgopa usebenzise iphutha likanozinti weRichards Bay, u-Ian Otieno, ohlulekile wukuvimba ibhola ebelishaywe nguThabiso Monyane.
Ulibambe walidedela ibhola, lawena kulo mgadli weBafana Bafana obe eseshesha, walinamathisela enethini.
Ngalokhu kunqoba, iPirates iqhubekile nesiqalo sayo esihle kule sizini, yafinyelela kumaphuzu angu-21 emidlalweni eyisikhombisa.
Manje izihola phambili ngamaphuzu ayisithupha eshiya ngawo iMamelodi Sundowns esendaweni yesibili.
ISundowns izoba nethuba lokunciphisa igebe libe ngamaphuzu amathathu uma seyamukela iPolokwane City eLoftus Stadium ngoLwesithathu.
“Ngicabanga ukuthi bekuwukusebenza okuphelele kakhulu namuhla futhi mhlawumbe u 1-0 wenza kube kuncane okusihlukanisile ngokubona kwami,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Sikwazile ukwakha amathuba amahle nacacile. Umdlalo besiwulawula ngokuphelele, kusukela ekuqaleni.
“Yebo, kusithathe imizuzu engu-15 kuye kwengu-20 njengenjwayelo ukuqala ukuthola izikhala uma sihlasela njengoba bebehlezi emuva.
“Kodwa ngenxa yejubane nekhwalithi, sikwazile ukubaqgobhoza.”
Naphezu kokunqoba, uRiveiro usagxile ekuthuthukiseni ukusebenza kweqembu lakhe.
Uvumile ukuthi kuhlale kunethuba lokwenza ngcono, kungakhathalekile ukuthi kusekuhlaseleni noma ekugcineni ibhola.
“Kuhlezi kunethuba lokuthuthuka kukho konke esikwenzayo, esigabeni sethu sokuqala iminyakazo yokuhlasela, ekucindezelweni kwethu, kuhlale kunesidingo sokuthuthukisa.
“Lokho ubuhle balo mdlalo futhi kuyinselelo ngempela, kunzima ngempela ukuqonda ibhola ngezinye izikhathi.
“Futhi yingakho kuhlale kunesikhala sokuthuthuka kumdlali ngamunye nanjengeqembu ngokuhlangana.
“Ngiyasazi isikhala sami sokuzithuthukisa njengomqeqeshi.”