AmaZuluEzintsha

UMartin akafuni kunanyathelwe ephutheni likaMothwa

Umqeqeshi we-AmaZulu FC, uPablo Franco Martin, uyameseka unozinti wakhe uVeli Mothwa obashwebise iphuzu ngempelasonto.

Lo nozinti onamava wenze iphutha elibucayi elihobelele ekutheni AmaZulu ashaywe yiPolokwane City FC ngo 2-1 ngoMgqibelo ebusuku.

Lokhu kwenzeke emdlalweni weBetway Premiership obuse-Old Peter Mokaba Stadium, lapho Usuthu lungenelwe yigoli esikhathi esengezwe unompempe. 

Lo nozinti oneminyaka engu-33 ubambe qede wadedela ibhola esebhokisini lakhe, lawela phambi komdlali weCity obe eselinamathisela enethini.

UMothwa ubevele enengcindezi yokugeza igama lakhe kulandela ukuthi enza into efanayo nakwiBafana Bafana. 

Ngesikhathi edlala kwiBafana Bafana bebhekene ne-Uganda, wenza elinye iphutha elancisha leli qembu amaphuzu agcwele.

Ngenxa yalokhu, umqeqeshi uHugo Broos wamkhipha emdlalweni olandelayo weNingizimu Afrika bebhekene neSouth Sudan. 

Kodwa uPablo Franco Martin yena ubukeka ezomeseka kuze kube sekugcineni lo nozinti.

“Wonke umuntu ukubonile okwenzekile… Kusobala ukuthi kube yiphutha,”kusho uMartin. “Kodwa senze amaphutha amaningi ngisho uma sihlasela kunamaphutha esiwenzile.”

Ugcizelele ukuthi kunamathuba amaningi ahlule abadlali abahlaselayo.

“Sibe namathuba amahlanu okushaya amagoli kodwa akekho okhuluma ngawo.

“Ngezinye izikhathi, ukugxila emaphutheni kanozinti kuphela kuzwakala kungalungile,” kwengeza lo mqeqeshi.

Naphezu kwephutha, uMartin ubonise ukwethembela ngokuphelele kuMothwa.

“Ungunozinti wethu omkhulu. Selokhu ngafika lapha, nguye kuphela umdlali obizwa njalo kwiBafana Bafana, futhi lokho kungenxa yesizathu esithile.

“Ubenomdlalo omuhle kwaze kwaba yileso sikhathi la kwenzeke khona iphutha.” 

UMartin uyavuma ukuthi lesi sigameko asithandeki kodwa uzohlala enethemba lokuthi uMothwa uzosheshe asidlulise.

“Kuyiqiniso ukuthi iphutha lisenze silahlekelwa yiphuzu, kodwa ngikholwa ukuthi uzobuyela esimweni sakhe ngokushesha”.

Umqeqeshi ugcizelele ubumbano phakathi kwabadlali baMaZulu.

“Siyiqembu. Sinqoba, sihlulwe, futhi sisebenza ndawonye. Lapho omunye umdlali enza iphutha, abanye bayameseka.”

AmaZulu azozama ukuzihlela kabusha ukuze abuye esenamandla emdlalweni wawo olandelayo.

Azobhekana neKaizer Chiefs ngoSepthemba 25 emdlalweni wePremiership ozoba sekhaya eMoses Mabhida Stadium.