U-Allen ubona zisephambili ezenjabulo kwiBay
- Sibongiseni GUMBI
IRichards Bay iqale isizini yayo yeBetway Premiership ngokunqoba, ishaya iTS Galaxy eKing Zwelithini Stadium eMlazi.
IRich Boyz iwagcine wonke amaphuzu amathathu ngenxa yegoli likaKeegan Allen.
Lesi sitobha sijoyine le kilabhu ngemuva kokushiya iMoroka Swallows.
Igoli lika-Allen lavele kade kuyibhola elibekwe phansi, lagotshwa lamfica engamakiwe ebhokisizini leGalaxy, walingqofela phakathi.
Yize beyiwulawula umdlalo, iTS Galaxy izame yancama ukubuya kulo mdlalo.
Ukunqoba kuqinisa ukuzethemba kwiRichards Bay njengoba ihlose ukugwema okuyenze ngesizini edlule.
Ngesizini edlule, leli qembu lizithole lilwa ngasemsilezi welodi, kodwa lokhu kunqoba kunikeza ithemba lomkhankaso ongcono kulokhu.
Ngemva komdlalo, uKeegan Allen uveze injabulo yakhe ngomphumela.
“Angikwazi ukukhala, kuwumuzwa omuhle”, kusho u-Allen. “Kodwa ekugcineni kosuku, konke kumayelana neqembu.
“Sithole amaphuzu amathathu, futhi kufanele siqhubeke ukusuka lapha”. U-Allen uncome nokuhlangana kweqembu.
“Sisenendlela ende okumele siyihambe, kodwa uma siqhubeka nokuzwana…
“Futhi sikhula njengeqembu ngaphansi kwaleli qembu lobuchwepheshe, ngibona izinto ezinhle ezizayo.”
OLUNYE UDABA: UNabi ungena ezintangeni ngokwengeza abadlali kwiChiefs
Umqeqeshi omusha weRichards Bay, uBrandon Truter, uzimisele ukuqiniseka ukuthi leli qembu alisondeli kwakusondela ngasezembeni.