
I-Orlando Pirates isalobizela omunye umdlali kwelaseKZN
I-Orlando Pirates isayine abadlali ababili beRichards Bay FC kule sizini, futhi kubukeka sengathi ayikaqedi ukuxebula kuleli qembu laKwaZulu-Natal.
Umthombo osondelene nalezi zikhondlakhondla zaseSoweto uveze ukuthi zihlose ukubuyela ziyifuna omunye wabadlali abasebancane beNatal Rich Boyz.
Ngaphambi kokuqala kwale sizini i-Orlando Pirates ithenge uNkosikhona Ndaba noYanela Mbuthuma kwiRichards Bay kanti bobabili babonakala bengabadlali abahle kakhulu.
UMbuthuma uzibonakalisa engumgadli obukhali njengoba eseshaye amagoli amahlanu emidlalweni eyisishiyagalolunye kuze kube manje.
Yize abanye abalandeli bebemngabaza ngesikhathi esayinwa, usekwazile ukubenza bamethembe ngokudlala kahle nokukhombisa ukuba bukhali phambi kwepali.
UNdaba naye useqalile ukungena esikimini kancane kancane njengoba ebheke ukuthatha indawo kaDeon Hotto oyisethenjwa emuva kwesokunxele.
Uqale imidlalo emibili yokugcina kwiPirates futhi wenza kahle – eshaya igoli bebhekene neGolden Arrows waphinde wathola umklomelo wokuba ngumdlali ovelele.
Manje umthombo uthi i-Orlando Pirates ibifuna abadlali abathathu, kodwa omunye walimala ngasekupheleni kwesizini edlule nokwaphazamisa izinto.
“Empeleni besibheka abadlali abathathu kubo, sagcina sithathe ababili kuphela,” kusho lo mthombo.
“Ithimba labaqeqeshi langesizini edlule beliqale lahlonza lo ogcine engasayinwanga ngenxa yokuthi ube neshwa lokulimala.
“Kodwa basazomqapha uma eseluleme esebuyele ekudlaleni babone ukuthi ngabe uyiyo ngempela yini lento abebeyibone kuye.
“Angikwazi ukukunikeza igama lakhe njengamanje ngoba angazi ukuthi izingxoxo zigcinephi futhi angifune ukuziphazamisa.”
Nokho iLisenethini ibe seyifokisa ekhempini yeRichards Bay nala ithole khona ukuthi lo mdlali okukhulunywa ngaye nguThulani Gumede.
FUNDA NALA | Okwenza iChiefs ihlehle kuKodisang
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala udlala ophikweni lwesokudla esiswini, kanti njengoba iPirates ingase ilahlekelwe abadlali bayo basezinhlangothini ngesizini ezayo, kungenzeka alandwe.
ILisenethini ibisanda kubika ukuthi kunamakilabhu aphesheya aqaphe ngeso lokhozi uRelebohile Mofokeng no-Oswin Appollis futhi angase afake izicelo zokudayiselwa bona maduze.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
