
UMaduka uvuma ukusinda kwensimbi kwiRoyal AM
- Sibongiseni GUMBI
Ukuvinjelwa ukusayina abadlali kweRoyal AM kufaka ingcindezi eyengeziwe kumqeqeshi uJohn Maduka.
Lo mqeqeshi ubhekene nenselelo yokusebenza ngesibalo sabadlali esincane nokubagcina bekhuthazekile.
Lesi sigwebo sisho ukuthi leli qembu alikwazi ukusayina abadlali abasha, futhi lokho kunomthelela ongemuhle.
UMaduka uyavuma ukuthi kunzima ukuphatha abadlali abaziyo ukuthi abakwazi ukushiya noma kufike abazobabangisa indawo eqenjini.
“Kuhlale kuyinkinga, ikakhulukazi uma umdlali azi ukuthi akakwazi ukushiya iqembu futhi asikwazi ukusayina omunye,” kuchaza uMaduka.
Nokho, usalokhu enethemba lokuthi abadlali bakhe bazowuhlonipha ngaso sonke umsebenzi wabo.
“Sizama konke okusemandleni ethu ukufuna imiphumela,” kunezezela lo mqeqeshi.
“Njengoba abaqashi bethu befuna imiphumela kithi, kubalulekile kithi dlulisela lokho kubadlali.
“Kudingeka siqinisekise ukuthi basebenza ngokuzimisela isonto nesonto.”
Nakuba uMaduka eziqonda lezi zinselelo, ugcizelela ukubaluleka kokuhlonipha umsebenzi.
Ukholwa ukuthi naphezu kokuvinjelwa ukusayina abadlali, abadlali kufanele bahlale bezibophezele emsebenzini wabo.
“Kunzima ngaso sonke isikhathi ukukhuthaza abadlali uma bazi ukuthi asikwazi ukuqinisa iqembu.
“Kodwa siyethemba futhi sikholwa ukuthi laba esinabo bayawuhlonipha umsebenzi,” kuqhuba uMaduka.
Lezi zinselelo zenza umsebenzi kaMaduka ube nzima ngokwengeziwe njengoba enesifiso sokuba neqembu elincintisana namanye ngokugcwele.
UMaduka usethembele ekuzinikeleni kwabadlali abakhona ukuthi kuzosiza kulesi sikhathi esinzima.
Naphezu kwezithiyo, uMaduka uzimisele ukufuna imiphumela.
Ugcizelela ukuthi kubalulekile kokuba nesimo somqondo wokuwina, ngisho nasezimweni ezinzima.
OLUNYE UDABA: Bakhombise uthando eFree State, sekusele kwiChiefs
IRoyal AM izoqala umkhankaso wayo weBetway Premiership neCape Town City eHarry Gwala Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
