EzintshaOrlando Pirates

UMabasa uhlonza abaneshodi kwi-Orlando Pirates

Empeleni nje, uMabasa akabalanga mgadli ohlwini lwabadlali abavumile ukuthi badedela isigubhu seshodi uma bekhahlelela ipali.

Ekhuluma noThomas Mlambo weSuperSport besekhempini yeqembu eMarbella, eSpain kuleli sonto uqoke abadlali abathathu basesiswini – yena wazimpintshisa ekugcineni. 

UTtshegofatsa Mabasa uthe umdlali wasesiswini uThalente Mbatha nguyena obeyingcweti ekudedeleni odalimede bamashodi kwi-Orlando Pirates. 

Kodwa manje lo mdlali waKwaMashu usenezimbangi kulandela ukufika kuka-Oswin Appolis noSipho Mbule.

“Usenombangisayo manje njengoba sekukhona u-Oswin nje okumele simbale kulokho,” kusho uMabasa.

“Ngimbone ngesikhathi senza sizicija ukukhahlelela ipali, unekhono elingajwayelekile elisezingeni eliphezulu impela. 

“Kunzima ukuhlonza oyedwa, kodwa kuzoba phakathi kwalabo ababili… Kodwa noKabelo Dlamini naye ukhona lapho.”

Ebuzwa ukuthi kungani engazifaki yena kulolu hlu njengoba aziwa ngokudedela amashodi anika onozinti inselelo enzima.

“Ngingumuntu ongashayi ishodi kodwa ozama ukulishaya liye ndawana thize la unozinti angeke alifice khona… 

“Angifaki amandla kakhulu, kodwa uma kwenzekile ngahlangana nalo kahle kuyezwakala,” kuvuma yena. 

U-Appolis, oveze ukuthi unezinyawo ezincane njengoba egqoka usayizi 5, naye ubuziwe umbono wakhe ngalokhu. 

“Ngigqoka usayizi 5, kodwa wusayizi 5 okhethekile,” kusho lo mdlali omusha kwezikaMagebhula. 

“Ukhethekile ngoba ukhiqiza amandla okudedela ishodi elinzima uma ngikhahlelela ipali.”

Unozinti osemncane uSiyabonga Dladla yena uthathe isikhathi ecabanga, wagcina ephume noMbatha.

Unozinti oyisethenjwa, uSipho Chaine yena uhambe noSipho “Master Chef” Mbule osanda kusayina.

“Err. Ake ngicabange kahle. Ubani kambe?… Ya, uChef unalo ishodi, yebo uMaster Chef uyena,” kusho uChaine.

Khonamanjalo i-Orlando Pirates ihlelelwe umdlalo wayo wesithathu wobungani neLas Palmas ngoLwesine ebusuku eMarbella Sports Centre. 

Ihluliwe emdlalweni wayo wokuqala ishaywa yiBolton Wanderers yase-England yabe seyidlala ngokulingana nePafos FC yaseCyprus kowesibili ngeSonto. 

Ngemuva kweLas Palmas, izodlala neGranada CF ngempelasonto okuzobe sekuwumdlalo wokugcina wokuzilolonga eSpain. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO