EzintshaKaizer ChiefsMamelodi Sundowns

ULebese uveza okwenza alaxaze iChiefs esathandwa

UGeorge Lebese, owayengumdlali weKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns usebhoboke ngendlela ashintsha ngayo amaqembu, eyaba ngundabamlonyeni ngo-2017.

Leli nxele lalingomunye wabadlali abangaconsi phansi kubalandeli beChiefs ngesikhathi libadumaza, liqoka ukuya kwiSundonws.

Ekhuluma kwiPodcast kaJosta Dladla, Izinja ze Game muva nje, uLebese uveze ukuthi wahuhwa kanjani nguPitso Mosimane owayecija iSundowns ngaleso sikhathi. 

“Ngangibhekene nesimo esibi kwiKaizer Chiefs, ngingadlali ngaphansi komqeqeshi uSteve Khompela,” kuchaza uLebese.

“Kodwa ngapha uPitso Mosimane wayengifonela ethi ngingayisayini inkontileka entsha neKaizer Chiefs.”

Uthe yize abantu bazi ukuthi yimali eyamheha kwiSundowns, empeleni ayihambela yayincane kuneyayibekwe yiChiefs etafuleni.  

Okwenza ahambe wukuthi nomndeni wakhe ungabalandeli beSundowns futhi wawumnxenxa ukuthi aye kuyo. 

NoMosimane ngapha wayemthembisa ukuthi uzokwakhela kuye iqembu lakhe ngoba wayefuna adlale noThemba Zwane noPercy Tau. 

“UPitso Mosimane wangithembisa ukuthi ngizoqala imidlalo kwiMamelodi Sundowns,” kuqhuba uLebese. 

“Ngaphinda ngabona nethuba elingcono lokudlala kwiCaf Champions League njengoba iSundowns laliqeda kuyinqoba le ndebe.

“UBobby Motaung wangibizela ehhovisi kwiKaizer Chiefs wangithembisa imali engcono kunale eyayibekwa yiSundowns. 

“Kodwa uPitso wathi yize umholo uzoba mncane kunalo othenjiswa yiChiefs, uzogcina umkhlu ngenxa yohlelo lwamabhonasi kwiMamelodi Sundowns.”

ULebese wahamba wagcina eyijoyinile iSundowns kodwa wadlala kancane nakhona, wagcina eselizwa ngendaba ijezi. 

Kwaphetha ngokuthi ayishiye ayodlala e-US la afike waba nedumela, kodwa inkontileka yanqanyulwa kulandela ukuthi engakwazanga ukubuyela khona.

Wayekade evaleleke kuleli ngesikhathi seCovid-19, akangakwazi ukubuyela e-US kusenesikhathi. 

ULebese uphinde wasola imenenja yakhe yangaleso sikhathi ngokuthi yathengwa yiSundowns ngemali ukuze imnxenxele ukusayina kuyo.