Bafana BafanaEzintsha

UMokoena ucacisa ‘eyokweya’ iSundowns ngokungagcwalisi inkundla

UTeboho Mokoena ubeyindaba egudwini ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto kulandela inkulumo ayenze kwabezindaba njengoba esekhempini yeBafana Bafana.

Lo mdlali wasesiswini ubuzwe ngamagoli awashaye kwiBafana ngenyanga edlule bebhekene neCongo-Brazzavvile eNelson Mandela Bay Stadium. 

Ube esekhuluma sakuncokola, wathi okwenza abe mnandi kakhulu lamagoli kuye wukuthi wawashaya enkundleni egcwele phama.

Uthe lokhu yinto engavamile kuye ukuthi adlale enkundleni egcwele phama abalandeli.

“Ngakujabulela. Inkundla yayigcwele phama. Ayiminingi imidlalo engiyidlala enkundleni egcwele,” usho kanje wabe esehleka.

“Ngakho kwakumele ngizijabulise. Ngikhuluma iqiniso lapha, angiqambi amanga,” kwengeza yena.”

Lokhu kumsusele umsindo njengoba abanye babalandeli beSundowns bekuthathe ngokuthi udelela leli qembu ngakushoyo. 

Phela kuvele kunokuhlekiswa ngayo iSundowns, kuthiwe noma inganqoba kangakanani, ayinaso isisindo ngoba ayinabo abalandeli abatheni.

Kuthiwa noma idlala kahle isuke isibukelwa yidlanzana nje labalandeli. 

Nokho omunye ube eseveza inkulumo ka-Intsagram ube nayo noMokoena la ebechaza ukuthi ubengaqondisile kwiSundonws abekusho.

“Kuyishwa mfwethu ukuthi ngihlezi ngicashunwa ngendlela engeyona,” ubhale kanje uMokoena kulo mlayezo. 

“Obengibuza ungibuze ukuthi ngazizwa kanjani ngemuva kokushaya igoli enkundleni eyayigcwele phama abalandeli.

“Mina ngibe sengiphendula ngokwesimo seBafana Bafana, bekungahlangene neqembu… 

“Sidlale e-Orlando Stadium ingagcwele, sadlala eMoses Mabhida Stadium ingagcwele, sadlala eFNB Stadium ingagcwele…

“Kuse PE naseBloem kuphela (la sidlale khona enkundleni egcwele). Kodwa ke kulungile, abezindaba benza okusemandleni ukudunga amanzi.

“Ngeke ngisakhuluma nabezindaba, ngeke,” kuqhuba lo mdlali weSundowns kule ngxoxo. 

IBafana izobhekana neSouth Sudan eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha ngoLwesibili ebusuku.