
UKapini ucebisa uVeli Mothwa ngokuzihlangula ‘emlilweni’
- Alfred NGUBANE
UTapuwa Kapini, owayengukaputeni waMaZulu FC, usecebise uVeli Mothwa ngokumele akwenze njengoba elandelwa yishwa lokwenza amphutha adliselayo nje.
UMothwa wenza iphutha elibi ekwiBafana Bafana bedlala ne-Uganda, wakuphina noma eseseqenjini lakhe AmaZulu.
IBafana yagcina idlale ngokulingana ngenxa yaleli phutha lakhe elamfaka emlilweni wokuqashelisiswa uma edlala.
Usuthu lona lwavula iBetway Premiership ngenduku ngenxa yephutha lakhe, epha uTebogo Motuludi igoli.
Manje uKapini ulwazi kahle lolu sizi olubhekene noMothwa njengoba naye ake wabhekana nesimo esifanayo kuwo AmaZulu.
“Mina ngingameluleka ukuthi aziqinise, azibambe ziqine manje uma ngabe esafuna ukugcina indawo yakhe kwiBafana Bafana nakuMaZulu FC.
“Thina singonozinti siyawenza amaphutha agcina ngokuthi kungene amagoli,” kusho uKapini ekhuluma neLisenethini muva nje.
“Lawo maphutha ngamaphutha okumele akukhulise, hhayi akudicilele phansi kodwa kuba kuwe ukuthi akwenzani.
“Ngiyazwelana kakhulu noVeli Mothwa ngoba amaphutha awenzile amdalela ukungahlaliseki kahle eqenjini lesizwe nakuMaZulu FC,” kuqhuba uKapini.
Uthi ukusuka manje kuya phambili, abalandeli sebezoqaphelisisa konke akwenzayo uMothwa bese ezithola ehhahhanyezwa.
“Kumdalele amazinyo abushelelezi kubalandeli nabadlali uqobo lwabo noma bengeke basho lutho kubantu,” kucacisa uKapini.
“Kuzomele manje adlulise okumehlele. Kuzomele asebenze kanzima ukugcina indawo yakhe kuMaZulu FC nakwiBafana Bafana.”
UTapuwa Kapini wake wehlelwa yisimo esinjengalesi sikaVeli Mothwa esekuwo AmaZulu.
Yena okwakhe kwaba kubi ngendlela yokuthi waze wagcina eshiyile ngenxa yokuthi abalandeli base bemhhahhameza, bemthuak bethi udlisela iqembu.
OLUNYE UDABA: URiveiro uveza ‘isinongo esikhethekile’ esiqinisa iPirates
Uthe ukudlula kuleso simo, aphinde abuyele enkundleni kwelinye iqembu kwaba yinto enzima kodwa wafunda kukho.
