Ezintsha

IMagesi isimtholile umqeqeshi ‘osemncane’ ebimfuna

Ungene esikhundleni sika-Owen da Gama oshiye ekupheleni kwesizini edlule ngemuva kokungavuselelwa kwenkontileka yakhe.

Usihlalo weqembu, uSolly Makhubela, uthe babona sengathi uDa Gama usemdala kakhulu futhi ngeke akwazi ukwenza ezinye zezinto ezilindelwe kumqeqeshi.

Uziphikile izinsolo zokuthi uDa Gama ubefuna enye imali ngaphambi kokuvuselela inkontileka yakhe, wathi abaziqalanga ngisho izingxoxo.

Futhi manje usengenise uMaduka omncane ngeminyaka eyishumi kuDa Gama futhi ofika namava okuqeqesha esigabeni esiphezulu.

UMaduka, ongowokuzalwa eMalawi, useke waqeqesha iBloemfontein Celtic iMaritzburg United neRoyal AM phambilini.

Nokho isikhathi sakhe kwiRoyal AM siphele kabuhlungu ngesikhathi leli qembu linnqanyulelwa ubulungu balo kwiPSL.

Lokhu bekulandela isiphithiphithi sokushodelwa yizimali zokuqedela imidlalo kulandela ukudliwa kwempahla yayo yiSars. 

Manje, uthola isiqalo esisha eLimpopo. IMagesi ayiyintsha ekushintsheni abaqeqeshi. 

UMaduka uzoba ngowesithathu esikhathini esingangonyaka kusukela leli qembu linyukele kwiPremiership.

Ngesizini edlule, kuqale uClinton Larsen oyinqobise iCarling Knockout kulandela ukuthi ebeyinyusele esigabeni esikhulu isuka kwiMotsepe Foundation Championship.

Kodwa wadedelwa ngoDisemba ngemuva kokugqoza kwemiphumela eqenjini.

UDa Gama ungene wasiza le kilabhu ukuthi isinde ezembeni ngesizini yayo yokuqala kwiBetway Premiership.

IMagesi iqede endaweni ka-13 ngamaphuzu angu-31 emidlalweni engu-28 ngesizini edlule.

UMaduka uthola ifa leqembu elilambele ukuzinza — nenhlonipho esigabeni esikhulu.

Kulindeleke ukuthi enze okungaphezu nje kokulisindisa ezembeni kwisizini  yalo yesibili kwiligi enkulu.