Bafana BafanaEzintsha

UHugo Broos uphawula ngokufaka uLucas Ribeiro kwiBafana

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usamile embonweni wakhe ngesihlabani seMamelodi Sundowns uLucas Ribeiro ngokufakwa eqenjini lakhe. 

Kube neziphakamiso mayelana nokuthi uLucas Ribeiro angaba wusizo olukhulu kwiBafana Bafana kodwa uHugo Broos usamile kwelokuthi akufanele. 

ULucas Ribeiro ube uyisimangaliso selokhu ejoyine iSundowns ngesizini edlule futhi nakule sizini usaqhubeka nokumangalisa njengaoba esenamagoli angu-13 kwiBetway Premiership. 

Sekuke kwaba nabaveza isifiso sokuthi enziwe owakuleli ukuze akwazi ukuqinisa iBafana.

Kodwa ekhuluma kwi-eNCA kule mpelasonto, uHugo Broos uphinde wagcizelela ukuthi akafuni ukuletha abadlali bangaphandle kwiBafana. 

“Akukhona ngokuthi uyamthanda noma uwumthandi (Ribeiro),” kusho uBroos. “Ungumdlali omuhle kakhulu. 

“Kodwa angicabangi ukuthi kumele kwenziwe ihaba ngalokho. Angifuni ukuletha abadlali bangaphandle ngizobenza abadlali baseNingizimu Afrika. Akuyona indlela enhle leyo.”

Nakuba uBroos engayifuni eyokwebiwa kwabadlali bakwamanye amazwe benziwe abaseNingizimu Afrika, uthi uma kungaba nesidingo mhlawumbe engavuleleka kulokho. 

“Kufanele sihloniphe abadlali bethu baseNingizimu Afrika,” kwengeza lo mqeqeshi idabuka eBelgium. “Kodwa uma kukhona umdlali onokuhlukile, mhlawumbe okuhluke kakhulu, futhi kungenzeka, mhlawumbe singacabanga ngakho.”

Ngaphandle kukaLucas Ribeiro, bakhona nabanye abadlali phambilini okwake kwanemibono yokuthi abenziwe abakuleli ukuze badlale kwiBafana.

UGaston Sirino, osenobuzwe bakuleli, naye kwake kwanezinkulumo azifanayo ngaye ngesikhathi esadlala kwiSundowns. 

UBroos uungiselela imidlalo emibili ebalulekile yeBafana yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.

IBafana izobhekena neLesotho ngoLwesihlanu lukaMashi 21. Iyobe seyindizela e-Ivory Coast lapho izohlangana khona neBenin ngoLwesibili lukaMashi 25.