AmaqembuEzintsha

Ufike ethwele izethembiso uNirkovic eqenjini elisha

Ubheke ukukhula, abe ngumdlali ongcono uSamir Nurkovic njengoba ezosebenza ngaphansi komqeqeshi amhloniphayo, nathi ungomunye wabaphambili kuleli.

Lo mgadli wethulwe ngokusemthethweni yiqembu lakhe elisha, iSuperSport United ngoLwesihlanu ntambama. 

“Ngijabule futhi nginethemba njengoba ngizosebenza nomqeqeshi uGavin Hunt,” kusho uNurkovic. 

“Kuyangijabulisa ukuthi ngizosebenza nomqeqeshi, ngokombono wami, ongomunye wabaphambili ezweni.

“Umqeqeshi uGavin Hunt waziwa ngokuba ngumholi oqotho, okwazi ukwenza abadlali bakhiphe lonke ibhola labo. 

“Lokhu kunginika ithuba lokukhula njengomdlali, nokufaka isandla empulelweni yeqembu lilonke. 

“Into engiyibheke kakhulu kule kilabhu wukwenza umehluko enkundleni, ukuhlangana nozakwethu abasha nabalandeli beSuperSport United. 

Ube esebonga abalandeli beqembu ngokweseka kwabo iqembu, wathembisa ukubasebenzela ngokuzikhandla. 

“Ngiyethembisa ukwenza konke okusemandleni ukuze ngifake isandla empumelelweni yeqembu,” kuqhuba uNurkovic. 

 Lo mgadli, oneminyaka engu-32, ufike kuleli eminyakeni engaphezu kwemihlanu edlule, efikela kwiKaizer Chiefs. 

Uhlale kuyo iminyaka emithathu, wabe esededelwa ekupheleni kwenkontileka yakhe.

Wabe esethathwa yiRoyal AM, kodwa akangahlala isikhathi esitheni kuyo, kwaxatshanwa, kwahlukanwa, kwaboshwana. 

Ngesizini edlule uthathwe yiTS Galaxy, kodwa wakhululwa kuyo ngasekuqaleni kwale sizini kulandela ukungezwano nobengumqeqeshi uSead Ramovic.