ULarsen ungena ezintangeni ngokwenzeka efunwa Usuthu
- Intatheli yeLISENETHINI
UClinton Larsen ubuye ngesivuthevuthe kwiBetway Premiership futhi ungomunye wabaqeqeshi AmaZulu FC abebafuna ngesikhathi engenamqeqeshi.
Usuthu luke lwahlala lungenamqeqeshi kulandela ukuhlukana kwalo noPablo Martin odabuka eSpain ngenyanga edlule.
Nokho kuvela ukuthi izingxoxo zagcina zingabanga namvuzo otheni phakathi kukaLarsen naleli qembu ngoba bengavumelani ngendlela yokusebenza.
Kuthiwa uLarsen ubefuna ukufika nethimba lakhe labaqeqeshi, kanti abaphathi boSuthu bebefuna aqhubeke nalaba abavele benabo.
Yize kwakuzoba nzima, uLarsen wayezimisele ukushiya kwiMagesi FC aqeqesha kuyo njengamanje, abuyele ngakubo eThekwini ukuyosiza Usuthu.
Mhlawumbe kube yisibusiso esicashile kuye ukuthi engavumelani noSuthu njengoba eseqophe omunye umlando neMagesi.
Ufake leli qembu emdlalweni wamanqamu kwiCarling Knockout la izobhekana khona neMamelodi Sundowns ngoNovemba 23.
Ebuzwa ngomsebenzi woSuthu ngemuva komdlalo wezakhe neRichards Bay owandulela owamanqamu kwiCarling Knockout, uvele wangena ezintangeni.
“Akukho engizokusho ngaMaZulu,” yilokhu kuphela lo mqeqeshi akushilo ngalolu daba, akangafuna ukucacisa.
Akazange avume ukuthi zike zaba khona noma cha izingxoxo phakathi kwakhe naleli qembu laseThekwini.
Usuthu lwagcina lunyuse uVusumuzi Vilakazi obesenkulisa, lwabe seluqasha no-Arthur Zwane ukuthi basebenze ngokubambisana.