Bafana BafanaEzintsha

UBroos usiqungile isibindi ngozonizinti kwiBafana

UHugo Broos ubenesinqumo esinqala okumele asithathe ngaphambi komdlalo weBafana Bafana neSouth Sudan ngoLwesibili. 

Lesi sinqumo besimayelana nonozinti uVeli Mothwa – ngabe uyaqhubeka naye noma uyamshintsha.

Lona bekungumbuzo obalulekile obekumele uphendulwe yilo mqeqeshi kulo mdlalo obalulekile. 

UMothwa wayenzela phansi iBafana emdlalweni wangoLwesihlanu owaphela ibambene ngo 2-2 ne-Uganda. 

Kulo mdlalo wokuqala kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2025, uMothwa wadliwa amagoli alula. 

Wasolwa ke uBroos ngokudlalisa lo nozinti obegcine ngoMashi ukudlala umdlalo osemthethweni.

Ngalesi sikhathi wayeshiye uSipho Chaine ebhentshini ekubeni lo nozinti we-Orlando Pirates ubesanda kudlala.

UChaine wakhombisa ukuba sefomini enhle emidlalweni yePirates kwiMTN8 nakwiCaf Champions League. 

Abaningi babebheke ukuthi kube nguye ovala isikhala sikaRonwem Williams okumanje usalimele. 

Kodwa sekuthe emdlalweni wesibili, la bebhekene khona neSOuth Sudan, uBroos waqoka ukuqala ngoChaine. 

Umdlalo kaChaine wokuqala eqenjini lesizwe elikhulu futhi ubhekwe ngabomvu ukuthi uzomelana kanjani nengcindezi.