Bafana BafanaEzintsha

UBroos ‘usazobona’ ngesinqumo esinzima ngoMothwa

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usamile esinqumweni sakhe sokuqala uVeli Mothwa emdlalweni wabo ophele zibambene ngo 2-2 ne-Uganda. 

UMothwa wenze iphutha elibi kakhulu ededela igoli elibeke i-Uganda phambili ngo 2-1 emdlalweni wokuqala kweyokuhlungela i-Afcon ka-2025. 

Yize kube nephutha, igoli likaThalente Mbatha ngomzuzu ka-95 likwazile ukuvika ihlazo, latholela iBafana iphuzu.

Ngaphambi komdlalo, abaningi bebekungabaza ukufakwa kukaMothwa kwiBafana. 

Ubengakawudlali umdlalo osemthethweni kuMaZulu kule sizini njengoba imidlalo yeligi ingakaqali.

NguSipho Chaine we-Orlando Pirates ubesefomini enhle. UChaine, nokho, akakaze adlale ezingeni lamazwe ngamazwe. 

Ngemuva komdlalo, uBroos usivikele isinqumo sakhe ethi ubengeke akubhule okuzokwenzeka. 

“Wazi ngemuva komdlalo ukuthi izinqumo zakho ngokuqoka abadlali zibe yiphutha. 

“Ukube uVeli akalenzanga leliya phutha, mhlawumbe ngabe siwinile,” kuvuma uBroos. 

Ugcizelele ukuthi amaphutha anjalo angenzeka kunoma yimuphi unozinti. 

“Angizisoli ngokumfaka epalini. Uphoxekile kwayena, kodwa kumele sisebenzele ukululama kwakhe emqondweni.”

UBroos uvume inselelo yokuvuselela ukuzethemba kukaMothwa. 

“Uphansi impela. Sizobona ukuthi uzizwa kanjani ezinsukwini ezizayo.”

URicardo Goss naye ukhona konozinti uBroos abengakhetha kubo. 

Nokho uBroos uzohlola isimo sikaMothwa ngaphambi komdlalo wabo olandelayo neSouth Sudan. 

“Uma engakalungi ngokomqondo, ngeke sikwazi ukumdlalisa. Lokho kungaba yingozi kakhulu,” kuchaza uBroos.

UBroos ukugcizelele ukuthi onozinti babhekana nengcindezi ehlukile kunabanye abadlali enkundleni. 

“Unozinti angaba nezikhathi ezimbili noma ezintathu ezibalulekile emdlalweni (evimba amabhola ayingozi), kodwa iphutha elilodwa liqeda konke ngaye.”

Lo mqeqeshi uzoqapha isimo sikaMothwa ngaphambi kokuthatha isinqumo emdlalweni ozayo. 

“Sizobona ukuthi unjani kusasa naphambi kwakusasa, bese sinquma ngomdlalo wangoLwesibili neSouth Sudan.”