
Ubonge abalandeli uYusuf Maart esiza ukuqeda indlala yeChiefs
UYusuf Maart ungomunye wabadlali abanegazi elibi kwiKaizer Chiefs njengoba ehlezi esolwa uma izinto zingahambi kahle.
Kodwa ngoMgqibelo ntambama lo mdlali ube yiqhawe esiza iKaizer Chiefs iqede indlala yezindebe yeminyaka eyishumi.
Phakathi naleli sonto kuphele iminyaka eyishumi Amakhosi agcina ukunqoba indebe.
UYusuf Maart ushaye igoli lesibili iKaizer Chiefs ishaya i-Orlando Pirates ngo 2-1 emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Ngizoqala ngokubonga uMdali. Ngibonge ithimba labaqeqeshi nabalandeli ngokuhlezi beseseka,” kusho uMaart ngemuva komdlalo.
Uqokwe waba nguMdlali oVelele ngemuva kokudlala kahle kulo mdlalo obunzima kuwo womabili amaqembu.
Uthe lokhu bakwenzele abalandeli abahlezi bebeseka noma izinto zingahambi kahle.
“Abalandeli bayaseseka ngisho izinto zingahambi kahle. Besingeke sikwenze lokhu ngaphandle kwabo nozakwethu ebesinomoya owodwa nabo.
“Wonke umdlali ulwile namuhla, sisebenze ngokuzimisela nangokubambisana ukuze sinqobe.”
Ekhuluma ngegoli lakhe, uYusuf Maart uthe usebenzisa zombili izinyawo njengoba edonse ishodi ngonyawo lwesinxele.
“Ngisebenzisa zombili izinyawo empeleni. Akunandaba ukuthi liqhamuka ngakuliphi unyawo.
“Bengibeke amehlo ami ebholeni, ngabe sengivele ngikhahlela, lakhala enethini.”
Uthe le ndebe ngeyokusula izinyembezi kubalandeli njengoba bengenzi kahle kwiligi.
“Imiphumela ayisivumi kwiligi. Kodwa namuhla besihlangene siyiqembu silwa ngokubambisana. Sonke besinomqondo owodwa.
“Ecaleni lami, ngifuna ukubonga kubalandeli ngokuseseka kwabo,” kuchaza uMaart.
“Angikwazi ukuchaza ukuthi ngizizwa kanjani. Bekunzima. Bekunzima kakhulu kodwa sihlezi sibambene siyiqembu.”
