
UTito ubhodle ngokubizwa ngentuthwane yinkakha yePirates
Isihlabani se-Orlando Pirates uPatrick “Tito” Maswanganyi usephendule inkakha yeqembu uJomo Sono ngemuva kwenkulumo yakhe elumelayo ayosho ngaye.
U-Tito unikezwe inombolo yejezi edumile u-10 ukuze ayisebenzise emidlalweni yeCaf Champions League.
Le nombolo ayisetshenziswa emidlalweni yakuleli njengoba kuhlonishwa ngayo ingqalabutho uJomo Sono.
Ukunikwa kuka-Tito le nombolo kwiChampions League kwaqala izinkulumo-mpikiswano mayelana nokuthi kumele ibuyiswe nasemidlalweni yakuleli.
Kwabe sekuqala nokuqhathaniswakukaSono noMaswanganyi kodwa le nkakha engumnikazi weJomo Cosmos ayizange ichazeke ngalokho.
“Akufanele kuqhathaniswe intuthwane nendlovu,” kusho uSono ngaleso sikhathi, ezibiza ngendlovu, noMaswanganyi emfanisa nentuthwane.
U-Tito, oneminyaka engu-26, ungumdlali obalulekile ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro kwi-Orlando Pirates amasizini amabili manje.
Selokhu ajoyina iPirates esuka kwiSuperSport United ngo-2023, usezibambele mathupha.
Nokho uSono akakhombisanga ukujabula ngesikhathi uMaswanganyi enikezwa ijezi elingunombolo-10.
UMaswanganyi usegcine ephawulile ngalokhukhulume ngalolu daba, efuna ukwesekwa okwengeziwe ezinganekwaneni ezinjengoSono.
“Njengomuntu, akufanele ubheke phansi noma ngubani, kungakhathalekile ukuthi ungubani,” kusho uMaswanganyi kwidokhumentari yekilabhu, iBucs Camp.
“Ngidlalela iqembu elifanayo ake walidlalela futhi ngenza kahle kulo. Kufanele asekele ukuze sikholwe ukuthi singafinyelela ukuphakama kwakhe.”
UMaswanganyi ukugcizelele ukuthi ibhola limayelana nenqubekela phambili, nokuyisa ikilabhu phambili ukusuka lapho abangaphambili abashiya khona.
“Silapha ukuze sizame ukwedlula labo abaphambi kwethu. Abanye bazofika basidlule,” kusho umdlali wasesiswini odumile.
“Uma engakwazi ukusifundisa ukusekela isizukulwane esilandelayo, sizozizwa ngendlela efanayo futhi sivele sibuyisele umusa.”
Phezu kwenkulumompikiswano uMaswanganyi usagxile ekuzibonakaliseni egqoke leli jezi elidumile lePirates.
