EzintshaMamelodi Sundowns

Sithini isimo sikaSuarez kwiDowns? UCardoso uyenaba

Iphutha lalo mdlali wasemuva odabuka e-Argentina liholele egolini ngeSonto behlulwa ngo 2-1 yiKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup. 

ULucas Suarez wenza iphutha nangesikhathi iSundowns ihlulwa koweBetway Premiership ibhekene ne-Orlando Pirates. 

Njengoba sekusondele owandulela owamanqamu weCaf Champions League la izobhekene khona ne-Al Ahly, kunemibuzo ngokuthi uzophinde adlaliswe yini.

Nokho uMiguel Cardoso ushaya phansi ngonyawo, uthi akubhekwe yena ngamaphutha, hhayi abadlali bakhe.

“Ngaphambi kokuthi noma yimuphi umdlali enze iphutha, kungenzeka ukuthi yimi osuke eseqale wenza amaphutha amaningi,” kusho lo mqeqeshi. 

“Iphutha lokuqala engilenzayo livela emsebenzini wami wokukhetha abadlali abazoqala umdlalo. 

“Kufanele ngikhethe abangu-11. Ngakho-ke uma ngikhetha abangu-11, bangaphezu kuka-20 abasala ngaphandle abasuke sebevele becabanga ukuthi ngenze iphutha.”

UMiguel Cardoso ugcizelele ukuthi amaphutha ayingxenye yebhola.

“Kunamagoli avela kokuthile okumangalisayo okungahlobene nephutha lembangi.

“Kodwa iningi lamagoli kuba wumphumela wezinto ezincane ezingenzeki ngendlela obekufanele zenzeke ngayo. 

“Angigxili kosekudlule mina. Sisebenzela ukuthuthukisa iqembu. Wonke umuntu ulwela ukuba ngcono,” kuqhuba lo mqeqeshi wasePortugal.

Uphinde wagcizelela ukubaluleka kokusekwa nokuzwelana nabadlali ezimweni ezinzima.

“Abadlali badinga ukuphakanyiswa. Kufanele sakhe indawo lapho bengenza khona ngcono. 

“Lokho kufaka phakathi ukubavikela ezikhathini ezinzima.”

UCardoso wengeze ngokuthi uzibuka yena kuqala uma imiphumela ingahambi kahle.

“Ngihlale ngicabanga ngalokho ebengingakwenza kangcono. Ngihola kanjalo. Hhayi ngokusola abadlali.

“Ngisho noma ngingengaba nandaba nabo bonke abadlali kumele ngibathande bonke. Ngiqeqesha kanjalo.”

Ukuthi uLucas Suarez uzoqala yini ngoMgqibelo kusazobonakala. Kodwa umlayezo kaCardoso ucacile — kumele bethenje, hhayi basolwe abadlali.