EzintshaKaizer Chiefs

UMtasingwa usale ngaphandle, uPhili uyaqala kwiChiefs

U-Adolf Mtasingwa ukhishiwe eqenjini le-Kaizer Chiefs elizobhekana neSekhukhune United, ngemuva kokugxekwa kakhulu ngokungenzi kahle.

Amakhosi azobhekana neSekhukhune emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium ngoLwesithathu – uqala ngo-7.30 ebusuku.

IChiefs idinga ukunqoba ukuze ibuyele esicongweni seligi.

Lokhu kulandela ukuthi iPolokwane City inyukele phezulu ngoLwesibili ebusuku.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi iPOlokwane ibambane ngo 3-3 neStellenbosch FC.

UMtasingwa uqale emdlalweni weMTN8 lapho iChiefs ihlulwe khona ngo 1-0 yiGolden Arrows ngempelasonto.

Lo mdlali waseTanzania akazange enze kahle kulowo mdlalo.

Lokhu kumenze wagxekwa kakhulu ngabalandeli nabahlaziyi ngokufanayo.

Owayengumdlali weChiefs, uJunior Khanye, ube ngomunye wabamgxeka kakhulu.

UKhanye uze wathi u-Adolf Mtasingwa kubukeka sengathi ukwi-Kaizer Chiefs ukuze nje engeze isibalo sabadlali.

Manje uDa Cruz usenqume ukumshiya ngaphandle emdlalweni obalulekile neSekhukhune.

Akukacaci ke ukuthi lo mqeqeshi umshiye ukuze amnike isikhathi sokujwayela iBetway Premiership noma ngenxa yokungenzi kahle kwakhe.

Iqembu eliqala umdlalo: Petersen (©), Solomons, Kwinika, Miguel, Frosler, Maboe, Mthethwa, Velebayi, Ighodaro, Baartman, Phili.

Ebhentshini: Leaner, Monyane, Nkgwesa, Moloisane, Ndlovu, Mmodi, Da Silva, Shabalala, Vilakazi.