
U-Ouaddou uncome uMasilela, wagcizelela umyalezo wakhe
U-Abdeslam Ouaddou akafuni ukubona umbukiso ongenasidingo enkundleni. Ufuna ukubona ibhola elihlanzekile nelisebenzayo.
Ngemuva kokuthi i-Orlando Pirates ishaye iDurban City ngo-2-0, lo mqeqeshi ugxile kuSimphiwe Masilela, wathi lo mdlali ukhombise uhlobo lwebhola alufunayo.
“Uma nibona uMasilela namuhla… wenze kahle,” kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo.
“Angiceli okunye. Leli yilona ibhola engilithandayo.”
U-Ouaddou uthi ufuna uMasilela aqhubeke nokudlala ngendlela elula, esebenza kahle futhi agweme izinto ezingadingekile.
“Leli yizinga eliphezulu futhi ngiyamphusha ukuthi aqhubeke nokusebenza kahle kanjalo, adlale ibhola elimsulwa futhi ashiye lezi ezinye izinto ngemuva.
“Kumele adlale ibhola elilula. Ngijabule futhi kumele ngikusho lokho,” kuqhuba lo mqeqeshi.
Lezi “ezinye izinto” azishoyo wukubukisa ngomjiko ongenasidingo u-Ouaddou akhulume ngakho ngempelasonto.
Kulo mdlalo ubone okuphambene nalokho, njengoba uMasilela, ophuma kwiDStv Diski Challenge, edlala ngendlela ekhombisa ukukhula.
“Lowo umsebenzi wami njengomqeqeshi — ukuthuthukisa abadlali abasebasha ukuze badlale lolu hlobo lwebhola,” kusho yena.
U-Ouaddou uthi akazimisele ukubaphathisa okwamaqanda abadlali abasebasha.
Uthi uyawemukela amaphutha, kodwa kuya ngokuthi umdlali udala kweyiphi indawo.
“Uma udlala emuva, uma wenza iphutha kusala unozinti kuphela ngemuva kwakho.
“Ngakho kwesinye isikhathi kumele sikusheshise ukuthuthuka kwabo,” kwengeza yena.
“Ngendlela engakhuliswa ngayo mina, ngeke ngibaphulule abadlali ngibaphe isikhathi esiningi.
“Kwesinye isikhathi kumele ubaphushe. Yileyo ndlela engamphusha ngayo uSeema ngesizini edlule.”
ULebone Seema usengomunye wabadlali u-Abdeslam Ouaddou ababheka njengengxenye yekusasa lebhola laseNingizimu Afrika.
Uthi umdlali kumele akwazi ukwamukela ukugxekwa ukuze athuthuke.
“Uma ngokwengqondo usukulungele ukwamukela uma umqeqeshi eqinisa ulimi, uzothuthuka.
“Kodwa uma ubuthaka ngokwengqondo uma umqeqeshi ekuthethisa — futhi angithethisi abadlali bami ngoba ngifuna ukubabulala. Ngifuna babe ngabahamba phambili.”
Umgomo wakhe awugcini ngokwenza amavidiyo. Ufuna izindebe, bese abadlali beya e-Europe.
“Ngifuna baqhubeke nokuwina izicoco nePirates futhi mhlawumbe ngokuzayo badlale e-Europe.
“Ngakho uma ngibona laba badlali bedlala kahle, ngiba ngumqeqeshi ojabulile,” kuchaza yena.
Umdlalo wangoLwesine umjabulisile, ikakhulukazi indlela abadlali abasebasha abadlale ngayo.
“Namuhla ngijabule ngabadlali abasebancane. Uma ningibona ngifika lapha ngigqoke izingubo zosomahlaya, kusho ukuthi kukhona okungahambi kahle.”
- FUNDA NALA | Kugwetshwe umqeqeshi obenukubeza izingane
Kulokhu u-Abdeslam Ouaddou uhambe ejabule, futhi wakubeka kwacaca ukuthi uma iPirates izoqhubeka ngale ndlela, uzohlezi ejabule.
“Mina ngiqeqesha futhi ngijabule ukuqeqesha abadlali abawuhloniphayo umsebenzi wabo.
“Abadlali abasezingeni eliphezulu, futhi namuhla ngibe nabadlali abayizingcweti enkundleni.
“Bengijabule kakhulu. Uma ngifika ekhaya namuhla, ngizolala kahle.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
