Ezintsha

Seligqashukile igoda ku-Ertugral neCityzens

U-Ertugral ungene esikhundleni sika-Eric Tinkler ngoJanuwari waqala ngamandla, eshaya ngokulandelana iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. 

Impumelelo yakhe imtholele umklomelo woMqeqeshi weNyanga weBetway Premiership. Nokho, ifomu yeCity ibe seyehla kakhulu ukusuka lapho.

Emidlalweni engu-14 ngaphansi kuka-Ertugral, leli qembu liwine emithathu, lahlulwa kweyisishiyagalombili, ladlala ngokulingana kwemithathu. 

Lo mqeqeshi ongowokuzalwa eTurkey, oneziqu ze-Uefa Pro Licence, uzwakalise ukukhathazeka ngezinga labadlali baleli qembu. 

Imithombo ithi lokhu yikho okuholele ekutheni athathe isinqumo sokuhoxa esikhundleni sakhe. 

Ngesikhathi eqokwa, uCity yaqinisekisa ukuthi uzodlulela esikhundleni sokuba ngumphathi wezokuqeqesha kusukela ngoJulayi 1. 

Kodwa njengoba esesulile esikhundleni sokuba ngumqeqeshi akucaci noma uzoqhubekela yini kulesi sikhundla ayeqashelwe sona.

“Ngemuva kwezingxoxo ngezokuqeqesha, ikilabhu noMuhsin Ertugral bavumelene ngokuhlukana. 

“Isinqumo siza ngenjongo yokusiza ikilabhu njengoba ibheke ukuqeda isizini ka-24/25 ngegiya eliphezulu.

“Sibonga uMuhsin ngeqhaza lakhe eliqotho,” kusho iCity esitatimendeni ngoMsombuluko.

I-SABC Sport ike yabika ukuthi u-Andries Ulderink nguyena obehamba phambili ekuqokelweni lwesi sikhundla sokuqeqesha kuleli qembu. 

Lo mqeqeshi waseNetherlands uke waze waya eKapa ukuyobuka omunye wemidlalo yeCity. 

Kodwa-ke, u-Ulderink usanda kuqokwa njengomqeqeshi wesikhashana ekilabhini yaseBelgium iRoyal Antwerp kuze kube nguJuni. 

Lokhu kwenza kubukeke kuzoba nzima ukuthuthela kwiCity, kodwa imibiko iveza ukuthi usengabuyela kwiPSL ngoJulayi.

U-Ertugral ubekhuluma kakhulu ngokudonsa kanzima kweCity ngisho nangaphambi kokuthatha izintambo. 

Utshele izintatheli kaningi ukuthi akanawo “umlingo” wokulungisa iqembu ngobusuku obubodwa.