
Amazwi anomunyu uCassius Mailula ehlonipha unina
Umgadli weWydad Athletic Club, uCassius Mailula, usebhale amazwi okuhlonipha unina uPinky Mailua ngosuku lokubungaza omama.
UCassius Mailula uhlangabezane nezindaba ezibuhlungu ngeSonto, ezwa ngokudlula kukanina ngemuva nje kokushaya igoli benqoba ngo-2–0 bedlala neRCA Zemamra.
Lezi zindaba zokushonelwa umama zifike ngosuku olubi kakhulu, ngesikhathi abantu emhlabeni wonke bebungaza omama babo.
UMailula, obebonakala ephatheke kabi ngemuva komdlalo wokugcina weligi weWydad kule sizini, ungene ku-Instagram ngoMsombuluko evalelisa kunina.
Lo mgadli ubhale wathi: “Ndlovukazi yami, ngelosi yami, Pinkilash wami, mngani wami…
“Ukhulise isihlabani esiyinkosi. Ngiyaziqhenya kakhulu ngokukubiza ngomama wami.
“Ubulokhu ungumama ongesekelayo futhi ungumuntu omangalisayo.
“Namuhla ngiyamamatheka ngoba ngiyazi ukuthi ngikwenze waziqhenya nokuthi ngiku[helezele kahle ngokukushayela amagoli ezinsukwini zakho zokugcina unathi emhlabeni.
“Ngiyabonga ngakho konke ukuzidela okwenzele umndeni wethu nakho konke ongenzele khona.
“Phumula ngokuthula, Ndlovukazi Yami. Ngiyakuthanda manje naphakade.”
IWydad nayo idlulisele amazwi enduduzo kuCassius Mailula nomndeni wakhe ngemuva kokuthola lezi zindaba.
Ibhale kanje kuFacebook: “Egameni likamengameli nawo wonke amalungu eWydad Athletic Club, sidlulisa amazwi enduduzo kuCassius Mailula ngokudlula emhlabeni kukanina amthandayo.
“Imicabango nemithandazo yethu ikuye nomndeni wakhe ngalesi sikhathi esinzima.
“Kwangathi umphefumulo wakhe ungaphumula ngokuthula.”
UCassius Mailula ubenobudlelwano obuqinile nonina. Ukhulele eLimpopo kanti wabe esejoyina isikhungo esithuthukisa amakhono kwiMamelodi Sundowns esemncane.
Ukhushulelwe eqenjini elikhulu ngaphansi kukaRulani Mokwena, wafika wenza izimanga waze walandwa yiqembu le-US Major League, iToronto FC.
Nokho akakwazanga ukungena eqenjini eliqala imidlalo njalo kulo njengoba kule sizini ebolekiswe kwiWydad.
