DStv PremiershipEzintsha

Sekuqhume idivosi kumdlali neTS Galaxy

Usihlalo weTS Galaxy uTim Sukazi usekuqinisekisile ukuthi umgadli uSamir Nurkovic uyashiya kuleli qembu ngomoya omuhle.

Lo mdlali owafika ngeKaizer Chiefs kuleli, usayinwe ngonyaka odlule kodwa manje usehlukene neRockets.

Lesi simemezelo sifika ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi komdlalo weGalaxy wokuvula kwiBetway Premiership abazowudlala neRichards Bay ngeSonto.

UNurkovic unethemba lokuhlala kwiPremier Soccer League, yize kungekho qembu eselixhumane naye okwamanje.

“Kuyiqiniso ukuthi sihlukene noSamir Nurkovic,” kusho uSukazi etshela iSABC Sport. 

Uchaze ukuthi isinqumo senziwe ngemva kokucabangisisa futhi sibe yisivumelwano phakathi kwazo zombili izinhlangothi.

“Zombili izinhlangothi zibone sengathi indlela ezifuna ukuyihamba ayisahambelani,”  kwengeza uSukazi.

“Kuzosizuzisa zombili izinhlangothi ukuhlukana manje kunokulinda ukuthi inkontileka yakhe iphele ekupheleni kwesizini.

“USamir ungumdlali owuhloniphayo umsebenzi wakhe, futhi simfisela okuhle.”

UNurkovic ube nesizini enhle kwiGalaxy, washaya amagoli ayishumi emidlalweni engu-29.

Udlale indima ebalulekile ekusizeni iqembu ukuthi liqede endaweni yesithupha, okuyindawo ephezulu kunazo eselake laqeda kuyo.

Ukuhamba kwakhe kuphawula ukuphela kwesikhathi esifushane kodwa esinomthelela oomkhulu sikaNurkovic ngaphansi komqeqeshi uSead Ramovic.