EzintshaKaizer Chiefs

UVilakazi uveza afuna ukukuzuza kule sizini

U-Mfundo Vilakazi uthi uyajabula ngendlela aqale ngayo isizini, kodwa akakaneliseki. 

Ufuna ukuqhubeka nokuthuthuka ukuze abe wusizo olukhulu kwiKaizer Chiefs.

Lo mdlali weChiefs uveze ukuthi nakuba ejabule ngesiqalo sakhe, kuningi asafuna ukukulungisa emdlalweni wakhe.

Okuseqhulwini kulokho wukusiza iqembu lakhe amathuba okushaya amagoli, bese naye uqobo athole amagoli.

Ufuna nokukwazi ukusiza uma iqembu lingaliphethe ibhola.

“Ngiyajabula ngendlela engiqale ngayo isizini,” kusho uVilakazi, owaziwa ngelika-Obrigado. 

“Kodwa ngicabanga ukuthi ngidinga ukuthuthuka ekusizeni iqembu lakhe amathuba amaningi okushaya amagoli, nami ngishaye amagoli. 

“Ngidinga nokusebenza kakhulu uma singasaliphethe ibhola.” 

Lokhu kukhombisa ukuthi lo mdlali osemncane akafuni ukuthembela kuphela ekutheni unekhono.

Kodwa ufuna ukuba ngumdlali onomthelela omkhulu kwindlela iChiefs edlala ngayo.

Amakhosi abuyela emidlalweni yeBetway Premiership ngemuva kokunqoba ngo-2-1 iMamelodi Sundowns emdlalweni owandulela owamanqamu weCarling Knockout Cup.

U-Mfundo Vilakazi uthi lowo mdlalo usungumlando, njengoba manje sekumele bagxile emdlalweni abazowudlala neChippa United eGqeberha ngoMgqibelo.

“Sesibuyele kwiBetway Premiership, kumele sigxile. Umdlalo esidlale neSundowns usungumlando manje. 

“Okubalulekile wumdlalo neChippa. Wonke umuntu ujabule futhi sizilungiselela kahle,” kuqhuba yena.

Uthi yize bezodlala enkundleni yeChippa, baya khona ngenhloso yokubuya namaphuzu amathathu.

“Badlala ekhaya, kodwa thina siya khona siyofuna amaphuzu aphelele. 

“Ngiyalethemba iqembu lami ukuthi sizoya khona sibuye namaphuzu aphelele,” kusho yena ngokuzethemba.

Amakhosi azimisele ngokusebenzisa umfutho awuthole ngokunqoba iSundowns ukuze aqhubeke nokwenza kahle kwiligi. 

U-Mfundo Vilakazi uthi uyajabula ngesiqalo sakhe, kodwa ufuna ukuqhubeka nokukhuphula izinga lakhe ukuze abe negalelo elikhulu empumelelweni yeChiefs.