
OwoSuthu ucacisa eka-Ofori okubhekwe asayine
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, usecacisile ngamahlebezi okuthi leli qembu selisayine obengunozinti we-Orlando Pirates, uRichard Ofori.
Lo mdlali waseGhana ushiye iPirates ngoJulayi ngemuva kwamasizini amane kanti kusukela lapho ubengenayo ikilabhu.
Ukuqagela kukhule kakhulu ngemuva kokuthi u-Ofori ebonakale eMoses Mabhida Stadium la kuzicijela khona AmaZulu muva nje.
Kodwa uMartin ekhuluma ngemuva kokuhlulwa kwaMaZulu ngo 3-1 yiKaizer Chiefs, ucacisile ngesimo salo nozinti.
Ukuqinisekisile ukuthi nakuba isivumelwano singakaphothulwa, u-Ofori useqalile ukuzilolonga noSuthu.
“Usijoyine ezinsukwini ezimbili ezedlule,” kusho uMartin. “Ungunozinti ovelele onolwazi oluningi ngePSL, i-Afrika, naseqenjini lesizwe.”
Ukufika kuka-Ofori sekuvele kuqubule isasasa kubalandeli baMaZulu.
U-Ofori ubengomunye wabadlali ababalulekile abasayiniswe yiPirates ngo-2020, wazibonakalisa njengomunye wonozinti abaphambili ezweni.
Uze waba ngukaputeni wamaBhakabhaka futhi waba nesandla ngesikhathi bedlala owandulela owamanqamu weCaf Confederation Cup.
Wavimba amaphenathi bebhekene neSimba eyayyicijwa uMartin ngo-2022.
UMartin uyakukhumbula lokho futhi uyakuncomwa okwenziwa u-Ofori ngalelo langa yize kwabadumaza bona.
“Uyena owangibuyisela ekhaya ngesikhathi sidlala nePirates ngikwiSimba. Wabonisa ikhwalithi yakhe ngalolo suku.”
Naphezu kwamakhono afakazelwe ka-Ofori, uMartin ugcizelele ukuthi asikho isivumelwano esisemthethweni esisayiniwe okwamanje.
“Uengadlali isikhathi eside. Sifuna ukubona ukuthi ukusiphi isimo ngaphambi kokumsayina,” kuchaza uMartin.
“Kuyingxoxo phakathi kwekilabhu, umqondisi wethu webhola, ithimba labaqeqeshi, nomdlali uqobo.
“Ake sithule sibheke ukuthi siyafinyelela yini esivumelwaneni naye.”
Uma u-Ofori ejoyina AmaZulu, kungase kube yinselelo kukakaputeni wamanje uVeli Mothwa.
Imidlalo yakamuva kaMothwa ibisibhekisiswa ikakhulukazi ngemuva kokwenza amaphutha abucayi kwiBafana Bafana nakuMaZulu.
