EzintshaFifa Club World Cup

OweWydad uveza okwenza uLorch avuke indlobane

UThembinkosi Lorch udlale kahle kakhulu kwiWydad emdlalweni wayo wokuvula weFifa Club World Cup ngoLwesithathu ebusuku.

Indlela adlale ngayo ihlabe umxhwele kangangokuthi ngokwezibalo, ubengumdlali wesibili ohamba phambili ngemuva koqokwe njengobeVelele, uPhil Foden weManchester City. 

Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala waseNingizimu Afrika ube nemizamo eminingi yokushaya igoli.

Futhi kwale kancane ahlaze unozinti weMan City u-Edersen ngebhola alidonse ekude.

UThembinkosi Lorch udle ibhola, wabheka phezulu wabona u-Edersen engekho epalini lakhe, wabe esededela ishodi engaphakathi engxenyeni yabo.

Ngemuva komdlalo, uBenhanchem usho izinto ezinhle azisho ngoLorch, evuma ukuthi ubengumdlali okhethekile odinga ukunakwa okukhethekile.  

“UChristopher Lorch ungumdlali odinga ukuthi ukholelwe ngokuphelele kuye, futhi umeseke ngokugcwele,” uBenhanchem ucashunwe esho kanje. 

“Sibone indlela aziveze ngayo namuhla (ngoLwesithathu) sibhekene neManchester City… 

“Nakanjani uzosinika okwengeziwe emidlalweni elandelayo,” kuncoma lo mqeqeshi weWydad. 

Yize iWydad ihlulwe ngo 2-0 kulo mdlalo, ngamagoli kaFoden noJeremy Doku, umdlalo wayo ubuthembisa, ikakhulukazi uLorch.

Emdlalweni olandelayo, iWydad izobhekana neJuventus yase-Italy emdlalweni okumele okungenani iphume nephuzu kuwo. 

Kodwa ke kuzomele izibambe ziqine njengoba iJuventus ibhaxabule i-Al Ain ngo 3-0 emdlalweni wayo wokuqala.

Lo mdlalo ungeSonto. Izobe seyivala ngokugadulisana ne-Al Ain emdlalweni wokuhgcina esigabeni samaqoqo.