Ezintsha

OweChippa uthuswa wonompempe abaphinda amaphutha 

Unomuzwa wokuthi baphindaphinda amaphutha afanayo ngaso sonke isikhathi, abafundi kuwo.

Ukuphawula kwakhe kulndela ukuthi iChippa ihlulwe ngo 1-0 yiSekhukhune United eBuffalo City Stadium ngoMgqiibelo. 

USeptember nethimba lakhe asebenza nalo basale bengeneme ngezinqumo zikanompempe uMokhele Thulo ngesikhathi kulo mdlalo.

“Angisazi isijeziso sokukhuluma ngonompempe, kodwa ngizoyisho le,” kusho le mqeqeshi osemncane.

“Ngisemusha ekuqeqesheni, kodwa uma ngenza amaphutha ngiyawavuma ukuze ngithuthuke. 

“Okuphoxayo wukuthi onompempe abawavumi amaphutha abo. 

“Amaphutha ayenzeka, kodwa okungenani awavume esikhundleni sokwenza sengathi akukho okungalungile.”

UNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie ungomuye wabaningi abakhalela i-VAR ebholeni laseNingizimu Afrika. 

USeptember naye unombono wokuthi lolu hlelo lungasiza kakhulu ukunciphisa amaphutha onompempe.

“I-VAR isebenza emhlabeni wonke. Nokho isinqumo sokugcina sisekumuntu.

“Kodwa ingasiza ukunciphisa amaphutha amakhulu njengokujeziswa kungafanele namakhadi abomvu. 

“Impela ingasiza kakhulu ekuthuthukiseni ibhola,” kwengeza uSeptember.