
OweChiefs uphawula ngesimo sikaKhune eqenjini
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqondisi wophiko lwezokumaketha kwiKaizer Chiefs uJessica Motaung usephumele obala ngesimo esithinta inkakha yeqembu, u-Itumeleng Khune.
Lokhu kulandela ukuthi uKhune ethathe isikhundla sokuba yinxusa lenkampani yokubheja, iTopbet muva nje.
UKhune umemezele emasontweni amabili edlule ukuthi akagcini nje ngokuba yinxusa kule nkampani, kodwa unamasheya kuyo.
Lokhu kubeka engcipheni isikhundla abekelwe sona kwiChiefs nokusamele acacise ukuthi uyasithatha noma cha.
IChiefs imcele ukuthi ayeke ukudlala bese ebayinxusa leqembu, asebenze nophiko lwezokumaketha eqenjini.
Lo msebenzi wakhe omusha neTopbet uyashayisana neChiefs njengoba yona ixhaswe yiSuperSportBet.
Kodwa-ke, ekhuluma neSunday World, uJessica Motaung uthe njengoba uKhune ehlonishwa kakhulu eqenjini, bazozibuyekeza izimo sakhe.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi njengeqembu siyasibuyekeza isimo,” kusho uJessica.
“Sike saba sezingxoxweni no-Itu mayelana nendlela eya phambili kanti nomsebenzi omusha abekelwe wona udinga ukubhekwa ngokuphelele.
“Kodwa kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani ngezingxoxo, u-Itu uyohlale eyingxenye yomndeni – uyinkakha eqenjini lethu futhi ungumuntu esiyohlala sinobudlelwane naye.
“U-Itu uyohlale eyingxenye yomndeni weKaizer Chiefs, futhi angaba nathi ezindaweni eziningi.
“Ngakho-ke, okwamanje, sizohlala phansi, sixoxe naye ngendlela eya phambili,” kugcizelela uJessica.
UKhune, oneminyaka engu-37, uphinde wagcizelela ukuthi kuningi akwenzayo njengamanje.
Ungumhlaziyi webhola kuSABC Sport, ungumnikazi wenkampani yokubheja, futhi unentshisekelo yokungena embonini yezimayini.
Ngaphezu kwalokhu, usalobizela ukuqhubeka nokudlala esigabeni esikhokhelayo.
Kukho konke akwenzayo, kubukeka yena neChiefs besempambanamgwaqo la kumele banqume ukuthi izindlela ziyehlukana noma kwenzakalani.
