IChiefs isigcine imgingqile u‘Goliyathi’ oyiDowns
- Sibongiseni GUMBI
IKaizer Chiefs inqompetha bokuqala beHome of Legends Cup, okuyindebe yosuku olulodwa ebangwa amaqembu amane.
Le ndebe beyidlalwa okokuqala kulo nyaka, kanti Amakhosi agingqe isiqhwaga esinofakazi, iMamelodi Sundowns kowamanqamu.
IChiefs ifike kowamanqamu ngemuva kokushaya iGolden Arrows ngo 2-0 emdlalweni owandulela owamanqamu.
ISundowns yona beyishaye iChippa United ngo 5-3 sekukhahlelwa amaphenathi kade umdlalo owandulela owamanqamu uphele zibambene ngo 1-1.
Kowamanqamu zishukane zaze zubukana, kwasho khona ukuthi ayikho efuna ukugoba uphondo, kwaze kwaba indaba iyoqedelwa phansi kwepali.
Kulapho ke iChiefs ifike yanqoba khona ngo 5-4, yadla lesi sicoco eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha ngoMgqibelo ebusuku.
Yize le ndebe ingekho emthethweni, kodwa ukuyinqoba kweChiefs kuzothenjwa ukuthi kuzovuselela abadlali.
Kuzobenza bafise ukuqukula eyangempela, abazoyiqukula kubuka izwe ngokuzayo.
Le midlalo yeHome of Legends Cup beyingakhonjiswa ndawo kodwa iwasizile lamaqembu anike abadlali abebengakalitholi ithuba, isikhathi sokudlala.
Nokho iChiefs kulo mdlalo engekho umqeqeshi, uNasreddine Nabi osalulama njengoba kade esanda kuhlinzwa.
Ngasecaleni leSundowns, ukudlala l emidlalo ize ifike kumaphenathi kuyisizile ukuzicijela owamanqamu kwiCarling Knockout.
ISundowns izobhekana neMagesi FC kowamanqamu ngempelasonto ezayo la kungenzeka kuyisebenzele ukuthi isike yazicija kumaphenathi ngale midlalo.