
Okwenze uMngqithi angagiyi egingqa isiqhwaga esiyiDowns
Umqeqeshi weGolden Arrows, uManqoba Mngqithi, uthi akasoze akubungaza ukushaya iMamelodi Sundowns ngenxa yokuhlonipha kwakhe leli qembu elimenzele “lukhulu yena nomndeni wakhe”.
EzikaManqoba Mngqithi ziguqise iSundowns ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership obuseKing Zwelithini Stadium ngoLwesithathu.
Lo mphumela uqede ishobolo elibi lokuhlulwa imidlalo emithathu kulandelana kwaBafana Bes’thende.
Kuphinde kwaba wukuhlulwa kweSundowns okokuqala kule sizini emidlalweni yeligi, kwayincisha nethuba lokukhuphukela esicongweni selogi.
UJunior Dion ushaye igoli eliweze i-Arrows ngesiwombe sokuqala, engqofela phakathi ikhona ebigotsher u-Ayabulela Maxwele.
Lo mphumela uphinde waba wukunqoba kokuqala kwe-Arrows iseekhaya ihlula amaBrazilians kusukela ngo-2019.
Ngokwendalo yakhe, uManqoba Mngqithi wenqabile ukugubha noma ukuchoma ngokba ngumqeqeshi wokuqala kule sizini ukugoba iSundowns.
“Mayelana nokushaya iSundowns, ngeke ngikugubhe lokho. Ngiyohlale ngibahlonipha ngoba benzele umndeni wami okuningi,” kusho lo mqeqeshi.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
Umqeqeshi weSundowns uMiguel Cardoso yena uvike ngokuthi basalakha kabusha iqembu ngemuva kokulahlekelwa yisihlabani uLucas Ribeiro.
FUNDA NALA | OweChiefs uchaza eyokunyamalala kukaChislett noShange
Nokungabi nesikhathi esanele sokulungiselela isizini ngenxa yokudlala kwabo kwiFifa Club World Cup ngoJuni kunomthelela ekungangenini emgqigqweni kweSundowns.
