
Okwenza uNabi aseke uMaart onokugxekwa ngabeChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uthi ukaputeni uYusuf Maart useyazethemba yize ebhekene nokugxekwa ngabalandeli.
UMaart wakhe amagoli amathathu emidlalweni emibili edlule yeChiefs kanti ukudlala kwakhe kwakamuva kukhombisa ukuthuthuka muva nje.
UNabi uvumile ukuthi uMaart udonsa kanzima ngenxa “yokuhlaselwa” akuthola ezinkundleni zokuxhumana kodwa wancoma inqubekela phambili yakhe.
Ukuqokwa kwakhe njengokaputeni weqembu yikhona okwamsusela ukukhulua uMaart, abanye bekuveza bengahlonizi ukuthi asimfanele lesi sikhundla.
“Bekuyinkinga yokuzethemba kuye,” kusho uNabi. “UYusuf ubhekene nokuhlaselwa okuningi kwi-inthanethi. Ngokwengqondo, kunzima lokho.”
Lo mqeqeshi ugqamise imidlalo yakamuva kaMaart, encoma indlela abonakala esezethemba ngayo.
“Umdlalo wokugcina bewumuhle kakhulu, futhi nanamuhla ubemuhle,” kusho uNabi ngemuva komdlalo wezakhe neRoyal AM.
“Ngifuna aqhubeke nokwakha ukuzethemba nokwenza ngcono.”
IChiefs izobuyela emdlalweni ngeSonto lapho izobhekana khona nePolokwane City emdlalweni weBetway Premiership.
