EzintshaKaizer Chiefs

Okwabolisa ubudlelwano beChiefs nabadlali baseZim

IKaizer Chiefs beyivamise ukubuya nabadlali bohlobo eZimbabwe eminyakeni edlule, kanti lesi sikhulu yiso ebesisekhaleni lomkhankaso wokuhlonzwa kwabo. 

Besize sihambele kuleliya zwe, siyoxoxisana nabadlali, sibuye sihlangane nabazali babo la besithembisa izulu nomhlaba. 

Kodwa manje sekuvele izinsolo ezingezinhle ngaso, nokuthiwa yingakho abadlali bakhona bengasekho nkamunkamu ngeChiefs. 

Ngokuthola kweLisenethini ngemithombo yaseZimbabwe, abaphathi bamakilabhu nabaphathi babadlali abasifuni nalapho sihambe khona lesi sikhulu seChiefs. 

Basisola ngokuba nguwaka. Omunye wemithombo yethu usitshele ukuthi kuzoba nzima ukuthi iKaizer Chiefs iphinde ithole abadlali eZimbabwe.

Kunezinsolo zokuthi kunamaqembu esagcina singawakhokhelanga izimali zokudayiselana ngabadlali okwakuvunyelwene ngazo. 

“Okubi ukuthi (emdalula ngegama) ububulele ubudlelwano nabantu baseZimbabwe ekubeni iKaizer Chiefs iyathandwa njengoba beyinabadlali bethu abenza kahle kuyo,” kusho lo mthombo.

“Kuyakhalwa la edlule khona ngokuthi wenze ukungathembeki, akangagcina izethembiso ayezenzile.”

Umdlali wokugcina waseZimbabwe obekwiChiefs kube uKhama Billiat kanti naye wahamba engasavalalisile.

Lo mthombo uthe usola ukuthi naye waxoshwa yikho ukungathembeki kwalesi sikhulu, esithembisa abadlali imali enhle, kodwa uma esefikile angayitholi.

 Njengamaje akukho mdlali waseZimbabwe okwiKaizer Chiefs, futhi lo mthombo uthi cishe kusekude abe khona ngoba sebehudula izinyawo ngisho ikhombisa ukubathakasela. 

Kubadlali abadabuka eZimbabwe abagqama kwiKaizer Chiefs singabala oTinashe Nengomasha, Robson Muchichwa, Knowledge Musona noKhama Billiat. 

Siqoke ukungalikhiphi igama lalesi sikhulu okwamanje. Imizamo yokusithola ukuthi siziphawulele ngalezi zinsolo beyingakaphumeleli. Kodwa sizoqhubeka sisizame.