EzintshaKaizer Chiefs

Ngabe iqgabule igolide iChiefs kuMiguel?

Kubukeka sengathi iKaizer Chiefs igqome kwaphuma igolide ngesikhathi isayinisa u-Innacio Miguel, ongumdlali wasemuva obegijima kwiPetro de Luanda yase-Angola. 

UMiguel ukhombise ukuzethemba ngesikhathi exoxa okokuqala nabezindaba eNaturena ngoLwesithathu.

Lo mdlali oneminyaka engu-28, ugcizelele ukuthi ubuholi bakhe buncike ekubeni yisibonelo kunokuba akhiphe imiyalelo. 

“Ngizwa abantu bethi, ‘ungumholi… ungumholi,’. Kodwa kunezinhlobo ezimbili zabaholi,” kuchaza uMiguel. 

“Angibatsheli abantu ukuthi benzeni. Ngiyabakhombisa ukuthi kumele kwenziweni futhi kanjani.”

Ukholelwa ekutheni abadlali bakhe bagqugquzelwa kakhulu yizenzo hhayi amazwi. 

“Angiyi ejimini ngifike ngitshele ozakwethu ukuthi benzeni, kufanele ngibakhombise ngokwenza. 

“Umholi weqiniso ukhombisa ngokwenza, akagcini ngokutshela abantu ukuthi benzeni bese ehlala phansi ebukela.” 

Indlela kaMiguel yobuholi isekelwe ekwenzweni, anomuzwa wokuthi imenza ahluke.

Ubuholi bakhe sebumenze waba ngomunye wabadlali abahlonishwa sengathi badala ekilabhini.

“Mhlawumbe yingakho abantu bengibiza ngomholi. Angibatsheli ukuthi yini okumele yenziwe, ngivele ngiyenze,” kwengeza uMiguel ngokuzethemba.

Omunye umdlali wasemuva omusha kwiChiefs, uRushwin Dortley wenze kahle futhi wahlaba umxhwele kwiBafana Bafana. 

Manje kubonakala sengathi umqeqeshi uNasreddine Nabi kungenzeka ukuthi usenabo abadlali azobumba ngabo udonga oluqinile emuva kuMiguel noDortley. 

Udonga lwasemuva lweChiefs lubukeka luthembisa, kanti isipiliyoni sikaMiguel nobuholi bakhe kulindeleke ukuthi kuqinise kakhulu ngesizini ezayo.