
UBroos ukhathazwa yizinto ezimbili ngeSouth Sudan
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, useveze abona kuzoba yizikhubekiso eqenjini lakhe emdlalweni wabo neSouth Sudan ngoLwesibili.
Abafana bakaBroos baphoxile bebambana ne-Uganda emdlalweni wabo wokuqala wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025.
Lo mdlalo obuse-Orlando Stadium ngoLwesihlanu olwedlule uphele zibambene ngo 2-2 yize iBafana yayilishaye kuqala igoli.
Manje iBafana isizobhekana neSouth Sudan eJuba National Stadium ngoLwesibili ngo-3 ntambama.
UBroos udalule abona sengathi kuzoba yizinselelo iqembu lakhe elizobhekana nazo ngqo kulo mdlalo.
Ubale ukushisa okwedlulele kule ndawo yaseJuba, nenkundla yokwenziwa njengezinselelo ezinkulu.
“Siyazi ukuthi iSouth Sudan iyiqembu elilwayo,” kusho uBroos esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko.
“Futhi lokho angikuqondile ngendlela embi, bayiqembu elizinikele kakhulu.
“Lo mdlalo uzodlalelwa enkundleni enotshani bokwakhiwa, futhi lokhu kuzokwenza kube nzima.
“Ngakho-ke, ngilindele umdlalo onzima kakhulu,” kusho lo mqeqeshi.
Futhi njengoba i-Uganda inqobe kwiCongo ngoMsombuluko, yaqhwakela kuGroup K ngamaphuzu amane.
Lokhu kwengeze ingcindezi kwiBafana. Phela uma ihluleka ukuphuma eJuba namaphuzu agcwele, ingase izithole isihlezi emsileni eqoqweni.
