
Nakhu uNabi okumele akwazi ngeKaizer Chiefs
UNasreddine Nabi uphinde wazivikela ngoMgqibelo, kulandela ukubambana kwe-Kaizer Chiefs ngo 0-0 nePolokwane City.
Lo mphumela uqinisekise ukuthi iChiefs ngeke idlale futhi kwiMTN8 isizini yesibili kulandelana.
Ekuphawuleni kwakhe ngemuva komdlalo, umqeqeshi waMakhosi uzivikele, wathi ukhona umehluko awenzayo yena.
Ukhombe ukunqoba kwabo iNedbank Cup njengophawu lwenqubekela phambili ngaphansi kobuholi bakhe.
I-Kaizer Chiefs idlule kwiStellenbosch, iMamelodi Sundowns, ne-Orlando Pirates kulo mqhudelwano ukuze ibe ngompetha.
Ibe seyiphakamisa indebe yayo yokuqala eminyakeni eyishumi futhi yathola indawo kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
Nakuba impumelelo yendebe iyinto enkulu, kodwa umgqigqo weqembu kwiligi uhlezi uyisilinganiso esikhulu nesiqopha indlela ebheke phambili.
Uma kungekho mehluko kwiligi, kusho ukuthi indlela ebheke phambili ayicacile neze.
Ngesizini edlule i-Kaizer Chiefs iqede isendaweni yeshumi inamaphuzu angu-36.
Sesike sakuzwa phambilini akusho nge-Kaizer Chiefs
Kule sizini, iqede inamaphuzu angu-32 kuphela, yaqeda endaweni yesishiyagalolunye – lokhu kuveza ukugidagida ndawonye kweqembu.
Ukukhungatheka kukaNabi ngemibuzo yabezindaba kuyaqondakala, kodwa ukukala indima ayikhathulile ngokunqoba indebe kuwukuzibhixa ngodaka emehlweni.
Nakhu neMachester United iboza udu, kodwa icishe yayithola indebe kwi-Uefa Europa League.
Inqubekela phambili yeqembu ibonakala emidlalweni yeligi ngoba idlalwa isizini yonke.
Ukwenza kahle kuyo kusho ukubamba umgqigqo isizini yonke – hhayi ukunqoba imidlalo emine bese uba ngumpetha.
Idinga ukubamba umgqigqo zisuka, uvele ukudepha kweqembu nobuqotho namacebo okudlala — iChiefs ihluleke kukho konke lokhu.
Naphezu kwabadlali abaningi abasha abasayinisiwe, i-Kaizer Chiefs inqobe imidlalo yeligi eyisishiyagalombili kuphela.
UNabi ubelokhu esibelesele ngento esaqala ukuyizwa ngoSteve Komphela kwi-Kaizer Chiefs eminyakeni eyishumi edlule…
“Ngiyakha… Kuthatha isikhathi… Kumele siwethembe umsebenzi esiphezu kwawo… blah blah blah…”
Ukube iqembu belihlulwa kodwa libe lidlale kahle, ngabe kuyezwakala uma ethi usakha.
Kodwa yena kuthe kusele imidlalo engaphansi kweyisikhombisa, kwayina ekhala ngokuthi akanabadlali.
I-Kaizer Chiefs izohlezi ibhekisiswa
Pho kanti ubakhani sonke lesi sikhathi uma kanti akanazo izinsiza ezifanele? Ubemosha isikhathi?
Enye into uNabi okuzemele ayazi – uma ezoqhubeka nalo msebenzi wakhe – iKaizer Chiefs inkulu.
Yonke into eliyenzayo leli qembu izoqashelisiswa, ibhekisiswe futhi kukhonondwe uma kungabonakali kahle.
Akuwona umsebenzi wabezindaba ukukhohlia abalandeli bethi, ‘kusaphekwa’ kube kungazwakali nangephunga ukuthi kuphekwe nhloboni yokudla.
Nakhu okunye: ukuqeda ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezuku kwiChiefs akwamukelekile.
Iphephandaba iSunday Times lisanda kubika ukuthi uNabi angase abhekane nembazo ngenxa yakho lokhu.
Uma kwenzeka lokho, ngeke kumangaze. Phela kuhlezi kulindelwe okungaphezulu kwalokhu akuzuzile uNabi kwiChiefs.
Uma uNabi ezohlala, kuzodingeka afunde ukuzithoba, avume iqiniso ngesimo seqembu bese ena kangcono zisuka ngesizini ezayo.
Uma kungenjalo, naye uzofana nabanye abangaphambi kwakhe – abagcina ngokuthembisa, kodwa behluleka wukwenza.
