
Limi ngothi kofike kwiKaizer Chiefs ethwelwe ngeqoma
IKaizer Chiefs kuthiwa isicabanga ukumkhomba indlela umdlali wasesiswini ohlaselayo u-Ethan Chisslett ngemuva kokuhluleka ukwenza umthelela eqenjini.
UChisslett ubengomunye wabadlali abasha abalethwe yiKaizer Chiefs ekuqaleni kwesizini kanti ufike ebatshazwa kuthiwa ivundulule idayimane.
Ubechazwa njengomdlali wasesiswini ohlaselayo nokwazi ukushaya amagoli obekubhekwe abe nomthelela omkhulu ekuhlaseleni kwaMakhosi.
Kodwa ngemuva kwemidlalo engu-12 kusukela kuqale isizini, lo mdlali odabuka eThekwini kodwa okhulele phesheya akakadlali nakanye.
Umthombo osondelene nallei qembu laseNaturalena uthe abaphathi beqembu bebelokhu bebheka amakilabhu angase asiswe kuwo kodwa nalokho akukabi nampumelelo.
“Okukhathaza kakhulu ngaye wukuthi akanalo ulwazi lwebhola lakuleli, ngakho-ke ukubolekiswa bekungaba kuhle kuye,” kusho umthombo.
“Inhloso ukuthi athole ulwazi namava ukuze abuye esekulungele kangcono ukudlala esigabeni esiphezulu.
“Kodwa ngokwengisakuzwile, awekho amakilabhu ePSL azimisele ukumthatha njengoba kungaziwa lutho nje ngaye.
“Ngisho namaqembu eNFD awakho nkamunkamu futhi kuzoba nzima nakakhulu engxenyeni yesibili yesizini uma amaqembu esefuna imiphumela kakhulu.”
Okulandelayo okuhle kulo mdlali kungaba wukuthi iKaizer Chiefs imkhulule ukuze imvumele ukuthi ayoqhubeka nomsebenzi wakhe kwenye indawo.
“Kubukeka kuyiyona ndlela leyo – kungase kudingeke banqamule ubuhlobo naye ngoba mancane amathuba okuthi athole ithuba lokudlala,” kusho umthombo.
FUNDA NALA | Okwenza uMbokazi abe ngokhethekile – Riveiro
Khonamanjalo, iChiefs ise-Egypt kule mpelasonto njengoba iyiqala umkhankaso wesigaba samaqoqo kwiCaf Confederation Cup.
UChisslett akabanga yingxenye yabadlali ehambe nabo njengoba iyobhekana ne-Al Masry emdlalweni ozoba ngoMgqibelo.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
