Ezintsha

Lihloma ngabanamava eleNFD – lilwela iPremiership

Leli qembu njengamanje lisendaweni yesibili kwilogi yeMotsepe Foundation Championship ngamaphuzu angu-30.

Lilandela iMilford, okuyiyo eqhwakele ngamaphuzu amathathu kanti kusele imidlalo engu-13 kusongwe le ligi. 

Kodwa iCasric Stars isikuveze obala ukuthi ifuna ukukhuphukela kwiBetway Premiership ngesizini ezayo. 

Lesi ngesinye sezizathu ezenze isayine uMfundo Thikazi noJustice Chabalala abajoyina mahhala ngezinkontileka zesikhashana ezinombandela wokwelula.

Abaphathi beqembu bakuqinisekisile ukuthi lesi sinyathelo sithathelwe ukwengeza ubuholi namava esigabeni sokugcina sesizini.

  • UJustice Chabalala: Owayengumdlali we-Orlando Pirates neChippa United uletha “ukuqina emuva”.
    Njengoba ebedlala kwiGomora United, uvele ukulungele ukudlala kuleli qembu lakhe elisha.
  • UMfundo Thikazi: Ungumdlalo omuhle uma kuyiwa phambili futhi okhaliphile.
    Ubedlala kwiRichards Bay neRoyal AM phambilini kanti akungabazeki ukuthi ubuchule namava akhe azosiza ekugqobhozeni izimbangi.

Isikhulu seCasric sikuqinisekisile ukuthi laba bobabili bangase baqale ukudlala kuyo le mpelasonto.

ICasric Stars idlala neHungry Lions eMxolisi Jacobs Stadium e-Upington ngoMgqibelo ntambama.

“Sikholwa wukuthi bobabili uChabalala noThikazi bazoletha isipiliyoni esidingeka kakhulu njengoba sihubha isicoco seligi,” isikhulu sekilabhu sicashunwe sisho kanje yiKickOff.

Isikhathi sokuzijwayeza asisekho, futhi laba badlali abasha kulindeleke ukuthi bahambe neqembu ukuyobhekana neHungry Lions kule mpelasonto.

Ngokusayinisa abadlali abanamava ePremiership, iCasric Stars ikhombisa ukuthi ayidlali uma ithi ifuna ukudla isicoco.