EzintshaOrlando Pirates

Kuxwayiswa uSaleng ngengozi ‘yokubhayizisa’ iPirates

Ikusasa likaMonnapule Saleng kwi-Orlando Pirates umanje alicacile.

Manje lo owayengumdlali weBhakabhaka useluleke lo mdlali wasesiswini ukuthi abeke umsebenzi wakhe phambili, abuyele enkundleni.

UMonnapule Saleng, owagcina ukubonakala kwi-Orlando Pirates ngoDisemba 2024, kubikwa ukuthi usebuyelile ekuzilolongeni neqembu.

Kodwa noma kunjalo kuze kwaphothulwa imidlalo kule sizini engazange esabonakala enkundleni ngenxa yezinsolo zokuthi unengxabano yenkontileka neqembu. 

Sekusabalele amahlebezi okuthi lesi sihlabani seBafana Bafana, esineminyaka engu-27 ubudala, sisayine inkontileka yesibambiso nezimbangi zayo iKaizer Chiefs.

Nokho akukho okusemthethweni osekuvelile ngalokhu njengoba womabili lamaqembu esaqhubeka nokwenza izinguquko.

Ikhuluma kwiKickOff.com, le ngwazi yePirates icele ukungadalulwa, kodw ayaxwayisa uSaleng ngobungozi abhekene nabo. 

“Uma wephula inkontileka, amaqembu azokufaka ohlwini lwabadlali abangebahle,” kusho yona. 

“Kukhona ukusebenzisana kumakilabhu — nosihlalo basebenza bonke futhi bayabelana ngolwazi.

“Uma wenze okubi, bengatshelana ngawe bese uzithola ungenalo iqembu noma ngabe unekhono kanjani.”

Uxwayise ngokuthi uma uSaleng ehlala isikhathi eside engadlali, kulapho kuzokwenzeka khona umonakalo omkhulu emsebenzini wakhe. 

“Uma engadlali ezinye izinyanga eziyisithupha, uzolahlekelwa umgqigqo, neminyaka ke ayisekho ngakuye. 

“Futhi uzophuthelwa amathuba afana nokuya kwi-Afcon neBafana Bafana ekupheleni konyaka.”

Enikeza iseluleko, lo owayengumdlali wangaphambili uthe: “Iseluleko sami (kuSaleng) wukuthi akabuyele ekudlaleni. 

“Nakuba kungenzeka uzizwa ekhohlisiwe, akalinde nje bese kuthi lapho isikhathi sezingxoxo ezilandelayo sesifikile, bese elwela ikuthola okungcono ke.”