
‘Kumele sibajabulise abalandeli bethu ekhaya,’ kusho uMofokeng
URelebohile Mofokeng uthe indlela abalandeli be-Orlando Pirates ababakhombisa ngayo uthando, kumele baqinisekise ukuthi bayabajabulisa.
Ukusho lokhu ngemuva kokuqokwa njengomdlali ovelele iPirates iwashisa iRichards Bay ijezi kwiNedbank Cup.
IPirates idlule ngo 3-0 kulo mdlalo obuseKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngeSonto ntambama.
“Ethekeini kusekhaya vele, ngicabanga ukuthi kumele sihlezi sibajabulisa abalandeli bethu,” kusho uMofokeng.
“Thina yonke imidlalo siwuthatha njengowamqnamu. Lokhu esikwenzile sikwenzela ukujabulisa abalandeli bethu.”
IPirates isidlulele emzuliswaneni olandelayo kwiNedbank Cup ngemuva kokululaza iqembu elivamise ukuyibhayizisa ezindebeni, iRichards Bay FC.
AmaBhakabhaka ashaye amagoli amabili esiwombeni sokuqala okwenza ukuthi iqembu lasekhaya lisheshe libone ukuthi alinamashansi.
UPatrick Maswanganyi ubeyiqhawe, washaya womabili amagoli sekusele emizuzwini emine – ushaye elokuqala ngomzuzu ka-22 elesibili laba ngoka-26.
Ayekhona amanye amathuba kodwa kuyiwe ekhefini iPirates isihamba phambili ngo 2-0, kanti bekulindeleke ukuthi bengeze amanye esiwombeni sesibili.
Kodwa kube yiRichards Bay eshaya igoli, yazibeka ethubeni lokuthola indlela yokubuya iphinde yenzekalise iPirates emdlalweni wendebe.
UYanela Mbuthuma – omataniswa nePirates – ushaye igoli ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili.
OLUNYE UDABA: IChiefs ilinga iSundowns ngesihlabani sayo
Kodwa ngesikhathi umdlalo usesikhathini esengezwe unompempe, uTshegofatso Mabasa, ogeje amathuba ambalwa, washaya igoli eliqinisekise umphumela kwiPirates.
Amagoli angase enze kubukeke sengathi iPirates ibihamba phambili kulo mdlalo, kodwa iRich Boyz ibanike umdlalo futhi baphume bezwile.
