
Kugcwele abeChiefs nePirates esikwatini sezingwazi zakuleli
Iqembu lezingwazi zaseNingizimu Afrika labadlali abangu-20 linabadlali ababili kuphela abangadlalanga kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
Abadlali basemuva uMathew Booth noDillan Sheppard yibona kuphela abangadlalanga kulezi zikhondlakhondla zaseSoweto abakhona esikwatini.
Bobabili laba bazakhela igama kwiMamelodi Sundonws, kanti abanye yize badlala kwiSundowns, kodwa baduma kakhulu kwiKaizer Chiefs noma i-Orlando Pirates.
Lesi sikwati kulindeleke ukuthi sidlale emqhudelwaneni wamaqembu amane wosuku olulodwaozoba seBostwana ngoJuni 21.
Lo mqhudelwano uzobuyisa izinkumbulo ezinhle zezikhathi zakudala kunalandeli bebhola kuleli, eBotswana, eZimbabwe naseNamibia.
Abadlali bakudala beKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune noSiphiwe Tshabalala baphakathi kwabadlali abavelele eqenjini laseNingizimu Afrika elizodlala kwiClash of Legends Cup.
Lo mqhudelwano uzosingathwa okwesithathu, izingwazi zeNingizimu Afrika zizobhekana nezingwazi zaseZimbabwe kowandulela owamanqamu wokuqala.
IBotswana, engosokhaya yona izobhekana nezingwazi zaseNamibia komunye owandulela owamanqamu.
Le midlalo izoba ngoJuni 21 e-Obert Itani Chilume Stadium, eBotswana.
Umdlalo wezingwazi zaseNingizimu Afrika neWarriors yaseZimbabwe uzoqala ngo-11 ekuseni.
Abaphumelele kweyandulela owamanqamu bazobe sebehlangana kowamanqamu ngo-6 ntambama ngalo lolo suku.
INingizimu Afrika ithumele iqembu eliqinile lezingwazi eBotswana, njengoba kubizwe abangu-20 kulo mqhudelwano.
Iqembu eliphelele laseNingizimu Afrika:
- Onozinti: Itumeleng Khune, Moeneeb Josephs
- Abadlali basemuva: Siboniso Gaxa, Lucky Lekgwathi, Matthew Booth, Happy Jele, Cyril Nzama, Morgan Gould, Tsepo Masilela, Dillon Sheppard
- Abadlali basesiswini: Derrick Spencer, Stanton Fredericks, Josta Dladla, Dikgang Mabalane, Lebogang Mokoena, Reneilwe Letsholonyane, Siphiwe Tshabalala.
- Abagadli: Siyabonga Nomvete, Katlego Mashego, Thuso Phala
